SITHUSE umphakathi waseMbo, ngaseHillcrest, isehlakalo sokushaywa kubulawe, usomabhizinisi wokufika obenesitolo kule ndawo.
Le ndoda elingakatholakali igama layo idabuka eSomalia, kuthiwa itholwe umphakathi isishonile. Abengabonwa nangokhalo amadoda amathathu angawokufika ebidayisa nawo, kanti ngoMsombuluko bebesanda kujoyinwa ngenye indoda esitolo.
Abasolwa kuthiwa bashaye bachitha nesamba semali esingadalulwanga. Ilungu lomphakath elicele ukuthi lingadalulwa igama lalo, lithe kushayise amakhala ukungavulwa kwesitolo izolo ekuseni, nokuthe uma bemfonela umufi ucingo lungangeni.
Uthe basondele esitolo ngenhloso yokuthola ukuthi kwenzakalani nokuthe uma sivulwa, watholakala elele phansi enamanxeba emzimbeni.
“Kubizwe amaphoyisa, abese eqinisekisa ukuthi useshonile. Silimele ngoba ubewusizo emphakathini, esikweletela futhi ekunika impahla oyithengayo noma ushodelwa imali,” kusho ilungu lomphakathi.
Ikhansela lendawo kuward 8 eThekwini, uMnuz Themba Shelembe, lisiqinisekisile isigameko sokubulawa kwalo somabhizinisi lathi akuhlobene nakancane nokuhlaselwa kwabokufika.
“Ngibikelwe ukuthi abokufika abebesebenza ndawonye esitolo abaqhamuka emazweni hlukene abahlaselene. Kunyamalele imali emva kwalesi sehlakalo. Iyaqala ukwenzeka into efuze lena emphakathini futhi isishiye sithukile,” kusho uShelembe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseHillcrest.