KUMISWE ukufunda esikoleni, Ukusa High, eHammarsdale izolo ngemuva kokubulawa konogada ababili okusolwa ukuthi bashaywe bafa begadile ebusuku bangoLwesithathu esikoleni.
Isidumbu sikaMnuz Mncedisi Ntuli (29) okuthiwa bekuwusuku lwakhe lokuqala esebenza esikoleni nesikazakwabo uMnuz Thandazani (46) zitholakale kwelinye lamakilasi esikole izolo ekuseni, uzakwabo wesithathu obesaphila uphuthunyiswe esibhedlela elimele kanzima.
Kusolwa ukuthi abahlaseli bebefuna ukhiye wegumbi elihlala ama-laptop nezinye izimpahla ezibalulekile zesikole, ongahlali konogada.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo ongaphakathi esikoleni, unogada ongena ekuseni ufike kukhiyiwe esangweni, wama ngaphandle kwaze kwafika uthishanhloko.
“Uthishanhloko uthe unogada makangene ngaphakathi ayobheka ukuthi akukho yini lapho belele khona. Unogada ujombe uthango wangena ngaphakathi wabuya esethi ozakwabo ubafice belele edamini legazi akazi noma kukhona yini kubo osaphila. Uthishanhloko umlandele wangena naye baphuma sebeyofuna abosizo oluphuthumayo,” kusho umthombo.
Uyise kaMncedisi, uMnuz Thembinkosi Ntuli, uthe nguye obegqugquzela indodana yakhe ukuthi ingahlali ekhaya isalinde ukuthi kulungiswe okuthile emaphepheni ayo ayigunyaza ukuthi ibe ngunogada ogcwele.
“Emasontweni amathathu edlule ungitshele ukuthi uqashwe yinkampani egada ezikoleni, ugada ePhezulu High, bengingazi ukuthi usegada la, eKusa High,” kusho uNtuli.
UMfowabo kaThandazani, uMnuz Muntu Majola, uthe akazange asole lutho umfowabo engabuyi emsebenzini ekuseni izolo ngoba kuyenzeka aqale ezindaweni zakhe ngaphambi kokugoduka.
“Kuneminyaka egada kulesi sikole akakaze ahlaselwa yize engaphathi lutho oluyisikhali sokuzivikela,” kusho uMajola.
UMnuz Mondli Dlamini ongomunye wabanikazi benkampani yonogada iMI Trading ebiqashe labo nogada, uthe sibethuse kakhulu lesi sigameko sokubulawa kwabantu ebebezinikele ekuvikeleni impahla yomphakathi.
“Lo msebenzi siwenza ngoba sinothando lomphakathi, akukho nzuzo esiyenzayo yingakho siqasha abantu abangenawo amaphepha ngoba abanamaphepha bazofuna ukukhokhelwa imali esingenayo. Onogada bethu basuke bengahlomile babekelwe ukuthi bafone uma bebona okusolisayo,” kusho uDlamini.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Aaron Cele, uthe badumele ngalesi sehlakalo, bebezitshela ukuthi ukuba khona komuntu ogadile esikoleni kuzokwenza izigilamkhuba zisabe ukungena.
Unobhala weSadtu kulesi sifundazwe uMnuz Bheki Shandu uthe bahlale belugcizelela udaba lokuphepha ezikoleni emnyangweni, wathi ukubulawa kwalabo nogada kuveze ukuthi kumele ukugada kubhekwe ukuthi kwenziwa kanjani.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, obezifikele kulesi sikoleni uthe uphoxeke kakhulu. Uthe kukhomba ukuthi kumele kubuyiswe amakomiti emigwaqo ngoba onogada kabanele ukuthi bagade izikole.
“Lokhu kusho ukuthi izingane ezifunda emalokishini nasemakhaya ngeke zithuthuke, ngoba uma kufakwe izinsiza zokuthuthukisa izikole izigebengu ziyangena. Uma kungathiwa onogada abahlome nakhona bazoba sengcupheni yokuhlaselwa kufunwa izibhamu,” kusho uMshengu.
Izolo abafundi baphindiselwe emakhaya, uMshengu uthe kuzoze kufundwe ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa athole onogada (29) noneminyaka ewu-46 beshonile ekilasini eceleni kwabo kwatholakala i-crowbar.