USADIDEKILE umndeni kuhlaselwa amalungu omndeni amabili adutshulwe abulawa ngabasolwa abangaziwa emzini owodwa ezigamekweni ezimbili ezehlukene.
UMnuz Sthembiso “Mashe” Mngwengwe (35) kuthiwa ubekubo eMpumalanga, eThekwini, esigodini saKwaLatha, ngeSonto ebusuku ngesikhathi kungena amadoda amabili okuthiwa abehlome ngezibhamu, afike amphoqa ukuthi awanike isibhamu ngaphambi kokuthi amdubule. Ushonele endaweni yesigameko. Ngesikhathi umndeni usahlela ukufihla ilungu lawo elisemakhazeni, ngoLwesibili ebusuku kuphinde kwahlaselwa emzini ofanayo kwadutshulwa udadewabo kamufi uNksz Dudu Mngwengwe (47), naye oshonele endaweni yesigameko.
Isihlobo ebesikhona kwenzeka lezi zigameko esingathandanga ukudalulwa ngoba sesabela ukuphepha kwaso, sithe bewumndeni basashaqekile ngalokhu kuhlaselwa osekuphoqa ukuthi uma kuhlwa umuzi bawuvale bahambe beyobhaca ezindaweni ezehlukene.
“Lesi sigameko sisethuse kakhulu kangangoba namanje siyazibuza ukuthi amalungu ethu abulawelani? Ekhaya kusele mina nomkhulu kuphela, bonke abantu sebebalekile bayobhaca ezihlotsheni ezikude ngenxa yalesi simo. Nathi uma ilanga lishona siyaphuma siyocela ukufihla ikhanda kweminye imizi sibuye ekuseni,” kusho lesi sihlobo
Uthe womabili lawa malungu asemakhazeni, futhi basadidekile ukuthi azongcwatshwa kanjani njengoba umndeni kunzima ukuthi uhlangane uhlele ngenxa yalesi simo. Uveze ukuthi akukho muntu abamsolayo ukuthi wuye owenze lesi sigameko njengoba uMngwengwe ubewumuntu onenhlinziyo enhle, ekhonzwe ngabantu abaningi endaweni futhi ezigqaja ngezinto zesintu. Uthe udadewabo kamufi naye obulewe, ubengahlali lapho kuhlala khona uMngwengwe kodwa ubefike njengelungu lomndeni ngemva kokuzwakala kwezindaba zokubulawa komfowabo kanti naye usezodutshulwa ngendlela efanayo ngemva kwezinsuku ezimbili kubulawe umufi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe abasolwa bathatha isibhamu sikamufi (uMngwengwe), neselula yakhe bashaya bachitha.
“Ngolwesibili amaphoyisa aphinde athola umbiko wokubulawa komuntu emzini ofanayo okuthe uma efika afica isidumbu sowesifazane ona-47 sidindilizile, sinamanxeba amathathu okudutshulwa ekhanda. Amaphoyisa esiteshini saseMpumalanga aphenya amacala okubulala nelokubanjwa kwenkunzi,” kusho uCapt Gwala.