USATHUKILE umndeni wesitshudeni (22) okusolakala ukuthi sibulawe sagqitshwa ngumakhelwane onethaveni obesola umngani waso ngokweba.

Umndeni kaMthandazo “Mtha” Sithole uthi namanje usamangele ngokubulawa kwakhe ngesihluku waze wagqitshwa emathuneni ase-Adams Mission, eThekwini, nomunye umakhelwane wakhe okusolakala ukuthi babulawe bangcwatshwa ngoLwesine.

Uyise kamufi, uMnuz Thulani Sithole, uthe indodana yakhe beyifunda eSwinton College yenza izifundo ze-motor mechanic kulindeleke ukuthi yenze uN2 maduze.

“Ngosuku okwenzeke ngalo lesi sigameko ubekade eye esikoleni eyolanda imiphumela yakhe wafike watshelwa ukuthi kufanele akhokhe imali esele kodwa kwathiwa akabuye ngakusasa azoyikhokha. Kuthe ntambama wahamba waya kobheka umngani wakhe KwaSheleni. Akazange esabuya ekhaya,” kusho uyise.

Uthe bathole ukuthi kufike abalisa abathile okubalwa kubo nomsolwa oboshelwe icala lokubulala uMthandazo nomakhelwane wakhe bathi bafuna umngani wabo abebemsola ngokweba.

Kuthe uma bengamtholi baphinde babuya. Uthe ngokuthola kwabo lo mlisa ufike esehlome ngommese nangobhushu wase evimba esicabheni kwathi uma uMthandazo ebaleka wambamba ngesikibha kodwa waphuma wabaleka.

Uthe ngokuthola kwakhe umsolwa nabangani bakhe bambamba base behamba naye bemfake emotweni. Kuthiwa lona omunye umakhelwane abasala naye ngesikhathi kubaleka laba abanye ababili yena wayesephelelwe ngamandla wawa.

USithole uthe ngoLwesihlanu umsolwa ugcine ezivumele yena ukuthi nguyena nabangani bakhe ababulale oMthandazo nomakhelwane wakhe base bebagqiba emathuneni e-Adams nokuyilapho okuthiwa bambiwe khona ngoMgqibelo.

USithole uchaze indodana yakhe njengomuntu obenezifiso zokuya phambili ngempilo nobezilungele nokwenza kube nzima namanje ukuthi bamukele ukuthi ubulewe ngesihluku esingaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe umlisa oneminyaka engu-31 mayelana necala lokuthunjwa nokubulawa kukaMthandazo nomakhelwane wakhe. Uthe lo mlisa bekulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseNsimbini izolo ngamacala okuthumba nokubulala.

Wexwayise amalungu omphakathi ngokuzijezisela abasolwa wathi amaphoyisa ngeke ananaze ukubopha labo abathinteka kulezi zigameko. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi anikele emaphoyiseni ayobika ngezigameko zobugebengu.

Uthe kulindeleke ukuthi kube khona abanye ababoshwayo ngalesi sigameko.