UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, nomphakathi waseSongozima, eVulindlela (eLandskop), ngaphandle kwaseMgungundlovu, usale ushaqekile ngokubulawa ngesihluku kowesifazane obesebenza ophikweni lwezokuxhumana ehhovisi likandunankulu, okutholwe isidumbu sakhe sigenciwe.
Isidumbu sikaNkk Hlengiwe “MaHadebe” Madlala, sitholwe ngaphandle komuzi wakhe enamanxeba amaningi okugencwa.
Lo wesifazane akwaziwa ukuthi ubani omhlasele nembangela yokuhlaselwa kwakhe. Isolezwe lithole ngosondelene nalolu daba ukuthi lesi sehlo sishiye umphakathi wakuleya ndawo uthukile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa ase-Taylors Halt aphenya icala lokubulala.
“Owesifazane utholwe ebulewe, enamanxeba emzimbeni. Kusaphenywa ngembangela yokubulawa kwakhe. Akekho oseboshiwe. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uCol Mbele.
UZikalala unxenxe amaphoyisa ukuba abophe ngokushesha abenze lesi senzo esihlasimulisayo.
“Ngokwemibiko esiyitholile, okwamanje isidumbu sikaHlengiwe sitholwe ngaphandle komuzi wakhe ngeSonto ekuseni. Ubenamanxeba amaningi emzimbeni, izimpahla zakhe ziseduze kwakhe. Lokhu kuhlasela kuyanyantisa futhi kuhlobene nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Owenze lokhu ubehlosile. Lokhu okwenzekile kusishaqile nomphakathi ushaqekile,” kusho uZikalala.
Uthe ukuhlukunyezwa kwabesifazane isihlava esifundazweni abalwa naso. Uthe izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane zandile kakhulu njengoba kuhlasele igciwane leCovid-19.
UZikalala uthe kuyacaca mningi umsebenzi okusamele wenziwe ukuvikela, ukuqwashisa nokuseka abagilwa bodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Umufi kuvele ukuthi ubengomunye wabasingethe izindaba zezokuxhumana ehhovisi likandunankulu.
“Ngasohlangothini lwabasebenzi nohulumeni wonke wesifundazwe, sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi, abantwana bakhe nabebesondelene naye. Aphumule ngokuthula,” kusho uZikalala.
Imizamo yeSolezwe yokuthola ukuphawula komndeni ayizange iphumelele njengoba izinombolo zomndeni zingazange zitholakale kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.