KUBULAWE umfowabo wombhali wengosi yocansi kwiSolezwe ngoMgqibelo, odutshulwe abantu abangaziwa washona nesihlobo sakhe entathakusa izolo eSigqumeni, KwaSwayimane.
UMnuz Gceno Gumede (41) noMnuz Thobani Gumede (25), bahlaselwe abantu bavulela ngenhlamvu behamba nabafana bendawo ngemoto ngezithuba zabo-3 ekuseni izolo. Kuthiwa bebeyovula amamitha amanzi endaweni. Kulesi sigameko kuthiwa kulimale kanzima abanye abathathu abanye bathola imihuzuko.
UGceno ungumfowabo omdala kaNksz Distance Gumede ongumbhali wengosi esihloko esithi Elawini likaMaGumede.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala namathathu okuzama ukubulala kodwa bekungakaboshwa muntu.
Umfowabo kaMaGumede kuthiwa ubulawa nje bebezokwenza umcimbi wokuhlambuluka womfowabo omncane izolo, uBusani Gumede, oshone ngokugwazwa ngenyanga edlule.