UFUNA ubulungiswa umndeni wephoyisa (37) laseFolweni okuthiwa lidutshulwe lafa lihleli nentombi yalo okuthiwa nayo ilimele ngesikhathi behlaselwa.
Kuthiwa uConstable Buyani Khuboni ubehleli nentombi emotweni yakhe iToyota Etios eMalukazi emgwaqweni uMxolisi ngesikhathi kufika amadoda angaziwa abadubula emuva kwehora lesishiyagalolunye ebusuku ngeSonto.
Izolo umfowabo omdala, uMnuz Zakhele Khuboni, uthe namanje basadidekile ngokubulawa komfowabo.
Uthe bebekade behleli naye usuku lonke ngeSonto ekhaya eFolweni baze bahlukana ntambama.
“Emuva kwehora lokuqala ekuseni (izolo) ngithole ucingo lungibikela ukuthi uselinyaziwe. Kumuncu kakhulu kithina siwumndeni. Sifuna ubulungiswa, kuboshwe abenzi bobubi,” kusho uKhuboni.
Uthe akaqondi ukuthi owesifazane otholwe elimele nomfowabo bebezwana ngaluphi uhlobo kodwa bakholwa wukuthi ungumngani wakhe nje.
Owesifazane kuthiwa ungeniswe esibhedlela lapho elulamela khona.
UKhuboni uchaze umfowabo njengomuntu obethula kakhulu engakhulumi ngezindaba zakhe.
Uthe ubeze akhulume uma kuxoxwa kudlalwa kodwa nalapho ubengakhulumi lutho oluthinta impilo yakhe. Ukholwa wukuthi ngisho kungathiwa bekukhona isimo ebesimumise kabi nesingaholela ekulimaleni kwakhe ubengeke asho.
UCONSTABLE BUYANI Khuboni odutshulwe wafa ehleli emotweni nowesifazane okusolakala ukuthi uyintombi yakhe. Isithombe: SITHUNYELWE
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uColonel Brenda Muridili, uthe ngokuthola kwamaphoyisa ubevakashele intombi yakhe behleli emotweni ngesikhathi behlaselwa.
“Kusolakala ukuthi kuqhamuke amadoda amabili angaziwa okukholakala ukuthi aqhamuke nhlangothi zombili zemoto adedela ngenhlamvu edubula iphoyisa alibulala,” kusho uCol Muridili
Uthe owesifazane ebelihleli naye emotweni udubuleke ethangeni wabe esephuthunyiswa esibhedlela.
Kuthiwa akuzange kuthathwe lutho emotweni ngemuva kokudubula.
NgoJuni kwadutshulwa uSergeant Njabulo Linda endaweni efanayo. Naye kwathiwa wayehleli nowesifazane emotweni. Kwathathwa isibhamu sakhe.