UMPHAKATHI waseNtambanana, ngaseMpangeni, uthi liphume nobomvu kubulawa amadoda amabili abesolwa ngokuba wuhlupho endaweni, okuthiwa afe edubulana namaphoyisa ngesikhathi evinjezelwa ehlathini abehlala kulo elikhona endaweni.
Kuthiwa kuneqeqebana labafana elisolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi kule ndawo elisolwa ngokudlwengula, ukubulala abantu nokungena ngesidlova emizini yabantu kuthathwe impahla ngodede okuthiwa kwenziwa yimigulukudu eyaziwayo kodwa esatshwayo endaweni.
NgoLwesihlanu kuthiwa amaphoyisa agasele ehlathini elikhona endaweni lapho kuhlala khona abasolwa ngokuba yimigulukudu kwasuka esinamathambo kudutshulwana, kwasala enkundleni abasolwa ababili.
Elinye ilungu lomphakathi eliwumholi, elingathandanga ukudalulwa ngenxa yobucayi bodaba, lithe alikholwa ukuthi laba ababulewe bebesebenza bodwa njengoba izigameko zobugebengu endaweni kuyinto yansuku zonke.
“Kukhona abamsebenzelayo. Bebengena emini bathathe impahla bahambe nayo. Nakwami sebeke bangena bathatha okuthile, yimigulukudu esatshwayo endaweni okungelula ukusho ukuthi sekuphelile njengoba amaphoyisa esebulele laba ababili. Okuxakayo ukuthi kulaba ababulewe ngabafana abancane bendawo abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-28, okwenza ziqine izinsolo zokuthi kukhona umuntu abamsebenzelayo,” kusho leli lungu lomphakathi.
Inkosi yendawo, uMchazeni Mthiyane, ithe ikholwa ukuthi ubugebengu obudlangile endaweni buzokwehla njengoba sekukhona ababulewe.
“Bese ngifisa nokuthi ngicele uhulumeni athumele amasosha ngendlela abantu abesebephila ngayo, bephilisa okwezinyamazane. Ziningi izigameko zokubulawa kwabantu, ukudlwengula nokugqekezwa kwemizi kuthathwe ukudla nempahla yasendlini engithole imibiko yazo,” kusho uMthiyane.
Uthe uzamile ukubiza umhlangano nezinhlaka zomphakathi ukuthola isixazululo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, izikhalo ngokuhlukumezeka kwabantu bezilokhu zibikwe njalo.
Uthe kuthiwa bebehlala ehlathini elingekho buqamama nemizi yabantu nalapho obekuyisikhundla sabo abebegcina khona izinto abebezithatha kubantu futhi belala khona, bephuma kuphela uma bezoganga emphakathini.
Uveze ukuthi enye yempahla ebintshontshwa emphakathini itholwe kulo leli hlathi.
Izithombe ezinyantisa igazi zezidumbu zabasolwa bezisabalele ezinkundleni zokuxhuma.
Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisa lolu daba ayiphumelelanaga njengoba ethembise ukubuyela entathelini kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Iphoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa eNtambanana elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba liqinisekisile ukuthi isigameko senzekile.