SIKHUPHEKELE ku-8 isibalo sababulawe eGugulethu, eKapa, izolo ebusuku abadutshulwe abasolwa abangaziwa bezihlalele endlini ngemuva kokwenza umsebenzi “wokubonga abaphansi”.
Abezimo eziphuthumayo namaphoyisa bafice izidumbu ezinhlanu endaweni yesigameko eNY 79 eGugulethu, ezinye zazo kuthiwa bazigibelene. Kutholwe abanye ababili besesimeni esibucayi baphuthunyiswa esibhedlela bashona izolo. Namhlanje ekuseni kushone owesishiyagalombili.
Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape uBrigadier Novela Potelwa ngesikhathi ethintwa izolo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayaphenya endaweni yesigameko. Uthe sekuqalwe uhlelo lokuphuthumisa uphenyo lwamaphoyisa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuvakashela indawo yesigameko uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwenqwaba yabantu ngesikhathi esisodwa eKapa.
“Ngiyethemba ukuthi lo mkhuba uzophela. Kade ngilapha ngeledlule sizama ukuthola izisombululo ngamacala angakaphothulwa. Kunecala elifana naleli elenzeka eGugulethu ngoNovemba nyakenye, naseKhayelitsha kwabulawa abawu-13 ngenye impelasonto. Uma sibuka umlando wezinkinga kule ndawo, baningi abantu asebeshonile kodwa baningi futhi esesibabophile,” kusho uCele.
UNgqongqoshe uthe ukhona umkhondo omncane olandelwa amaphoyisa kodwa okwamanje akukho okunye okuvelayo. Uthe usekhulumile nomndeni futhi uyabambisana namaphoyisa ophenyweni.