KUBULAWE abantu abahlanu ezehlakalweni ezahlukene ethaveni yaseMargate neyaseMkhomazi oGwini oluseNingizimu lwesifundazwe saKwaZulu-Natal ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokugasela kwabantu abangaziwa bavulela ngenhlamvu.
Esehlakalweni saseLamont, eMargate, khona kushone abantu abane kwathi kwesaseMkhomazi kwashona oyedwa.
Kulesi sehlakalo saseMargate kushone nabesilisa ababili bandawonye.
OMnuz Smanga Danca, No Dindikazi, Ze Phehlukwayo noNjabulo Danca kuthiwa bebesendaweni yokucima ukoma yasendaweni ngesikhathi kuhlasela amadoda amabili abezifihle ubuso afike aphoqa wonke umuntu obekule ndawo ukuthi alale phansi babe sebeyabadubula.
Abathathu abebekule thaveni bashonele endaweni yesehlakalo kwathi uNjabulo yena washonela esibhedlela izolo ngemuva kokungeniswa khona edubuleke ekhanda.
Omunye wesilisa osolwayo kulesi sehlakalo saseMargate kuthiwa uboshiwe izolo emini ngemuva kokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Lo msolwa kuthiwa uboshwe ngemuva kokuvela kumakhamera asethaveni.
Lo msolwa oneminyaka engu-42, oboshiwe kuthiwa ungaphandle ngoshwele njengoba ephume ejele mayelana namanye amacala okubalwa kuwo nawokubulala.
Ilungu lomndeni kaPhehlukwayo elikhulume neSolezwe izolo kodwa lacela ukuthi lingadalulwa lithe basakhungathekile bewumndeni ngemuva kwalesi sehlakalo.
Lithe umfowabo ubesebenza kule thaveni ashonele kuyo.
“Sizwa kuthiwa ukhona umsolwa oboshiwe ovele owaziwayo ukuthi uyisigebengu ongaphandle ngoshwele ngamanye amacala okubalwa nawokubulala,” kusho leli lungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi ukhona umsolwa oboshiwe mayelana nesehlakalo saseMargate.
Uthe lo msolwa angase abekwe amacala okubulala, ukushaya ngenhloso yokulimaza nokubamba inkunzi.
Uthe okwamanje imbangela yokuhlasela ibingakaziwa.
“Kuthiwa ngehora lesishiyagalombili ebusuku ngoMsombuluko, abasolwa ababili abebezifihle ubuso behlome ngesibhamu nommese bahlasele ethaveni yendawo, bakhomba ngesibhamu abebephakathi babaphoqa ukuthi balale phansi ngaphambi kokuthi babadubule, abasolwa badubule abantu abahlanu kwathi lona omunye wesithupha bamgwaza umlenze, abantu abathathu bashonele endaweni yesehlakalo kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela, omunye obesesibhedlela naye ugcine eshonile,” kusho uZwane, wengeza ngokuthi abasolwa bantshontshe utshwala, imali namaselula.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, lisigxekile lesi sehlakalo, lathi amaphoyisa azosebenza ubusuku nemini ngenhloso yokubamba lona omunye umsolwa.
ULanga unxuse abanolwazi ukuthi babikele amaphoyisa ukuze kubanjwe umsolwa osele.
IMeya kaMasipala waseRay Nkonyeni, uNkk Nomusa Mqwebu, ithe: “Yize sazi ukuthi abantu baxakekile kodwa akukuhle ukuthi benze izehlakalo zobugebengu ezingubulwane ezigcina sezidala ukuthi kushone abanye abantu.”
UNkk Mqwebu uthe umkhandlu wakhe uzohambela imindeni eshonelwe ngenhloso yokuyobhonga emswaneni.