UTHISHA osola uthishomkhulu ngokumdlwengulela esikoleni, uthi ufisa ajeze kanzima ngoba isenzo sakhe besihambisana nokumbukela phansi, nokumhlukumeza ngoba nakhu ebefuna umsebenzi.
Lo thisha (32) waseManguzi ongakaqashwa ngokugcwele, oziphilisa ngokuvolontiya ezikoleni ezahlukene uthe wehlelwe yilo mshophi ngempelasonto edlule.
Uveze ukuthi lo thishomkhulu usanda kuvula isikole samabanga aphansi esizimele eManguzi nokuyiyona into emxhumanise naye.
“Ngathola inombolo yocingo lwakhe komunye umzala wami ngoba sizwe kuthiwa kuyaqashwa esikoleni esisha asanda kusivula.
Wakuveza ukuthi okwamanje kusagcwele nothisha abazoqala ngoMsombuluko sebefikile esibalweni ebesifuna. Ngacela ukuthi ngivolontiye ngoba ngiyathanda ukufundisa iMaths, iSocial Science nesiZulu. Wavuma wathi kulungile uzongazisa uma esengidinga,” kusho lo thisha.
Ubelokhu ehlalele ethembeni lokuthi uma kuqala kuvulwa izikole, beshoda ngabantu uzobizwa. Ngenhlanhla zithe izikole zingakavulwa wamshayela ucingo uthishomkhulu ngeSonto wamtshela ukuthi kuzoqalwa esikoleni ngakusasa kodwa ngoba usematasa edolobheni nokuthenga oshokhi, uzobuye amshayele ucingo bahlangane bakhulume bebonana.
“Washaya ucingo wathi asihlangane eZangomeni, ngathatha imoto ngayomlinda khona wafike wathi ngoba angikwazi esikoleni asisale sesihamba ngoba naye uyoshiya izimpahla zakhona. Wafika wangivulela wonke amakilasi ehamba engikhombisa, sithe sesiqedile wavula elinye igumbi waqala wangiphulula,” kusho lo wesifazane.
Uthi ngaleso sikhathi wazama ukudlubulundela kodwa lo thishomkhulu wamehlula ngamandla, wamdlwengula emcindezele phezu kwe-generator (wawela kuyona ezama ukubaleka).
Emuva kwalokho wabikela umndeni wakhe namaphoyisa wahanjiswa esibhedlela kwavulwa necala waboshwa ngoLwesine lo thishomkhulu. “Kunzima ukufuna umsebenzi uma ungumuntu wesifazane, abanye abantu besilisa bathola ithuba lokusihlukumeza. Ngenzela nabanye ukuthi angabe esabenza njengami. Okungiphatha kabi wukuthi kuzofunda nezingane ezincane zamantombazane kulesi sikole, okusho ukuthi nazo aziphephile kuye,” kusho uthisha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokudlwengula elivuliwe. “Umsolwa uboshiwe, uphiko lweFCS luphenya icala lokudlwengula. Uvelile naseNkantolo yeMantshi yaKwaNgwanase,” kusho uCol Mbele.