ZIMKHALELE owesifazane nomngani wakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sendodana yakhe eneminyaka emithathu emotweni endala emijondolo yaseMadelakufa eTembisa.
UNksz Nwabisa Nkazana (35) nomngani wakhe uNksz Thandazile Shushu (28) babekwe icala lokubulala uTerminator Miyelani Khoza. Ngokusho kokhulumela amaPhoyisa uConstable Patricia Mgijima, lo mfanyana wabikwa wunina ukuthi ulahlekile ngo-Agasti 14. Ngesikhathi elahleka wayehlala nonina kaNkazana eMadelakufa. Kuze kwaphela inyanga engekho owaziyo ukuthi ukuphi waze watholwa ngo-Septhemba 13.
"Isidumbu sakhe sitholwe emotweni endala kule mijondolo ngo-Septhemba 13," kusho uMgiima.
UMgijima, uthe imoto ekutholwe kuyona isidumbu sakhe ibingeyomunye wezakhamizi kanti ubeyidayisa ngesikhathi ezithela kwisidumbu sakhe.
"Umnikazi wemoto ubehlele ukuyidayisa nokuthe ngesikhathi eyithatha izithombe wazithela kwisidumbu salo mfanyana sisesihlalweni esingemumva," kusho yena.
UMgijimi akacacisanga ngokubulale uTerminator. Uthe, isidumbu somfanyana besesonakele kanti amaphoyisa abengakawutholi umbiko wokuhlolwa kwesidumbu. NgoLwesihlanu, ngo-Okthoba 4, unina kaTerminator nomngani wakhe baboshiwe babekwa icala lokubulala. Laba ababili bavele okokuqala enkantolo ngoMsombuluko, kanti kulindeleke ukuthi baphinde bavele futhi eNkantolo yeMantshi yaseTembisa ngo-Okthoba 17 ukufaka isicelo sebheyili.