UVELA namuhla eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma owesifazane okuthiwa ubulele uninakhulu (67) ngokumgwaza ngommese ephindelela emnqalange ngentambo.
Kuthiwa amaphoyisa abophe abantu ababili abaphakathi kweminyaka ewu-26 no-34 ngoLwesihlanu okukhona kubo nomzukulu emuva kokuthi ehogele umkhondo ngokubulawa komuntu omdala okuthiwa isidumbu sakhe satholwa emzini wakhe KwaMashu sinamanxeba amaningi okugwazwa siboshwe nezandla.
Kuthiwa kwenzeke ngoJuni. Kusolwa ukuthi ababoshiwe bathatha i-TV namaselula amabili. Amaphoyisa akutholile lokhu kubona ngesikhathi ebabopha. Omunye wabo uboshwe eseMtubatuba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe: ”Icala lokubulala nelokubamba inkunzi livulwe esiteshini samaphoyisa KwaMashu.
“Abasolwa baboshwe ngoLwesihlanu emuva kophenyo olunzulu olwenziwe ngamaphoyisa. Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma,” kusho uZwane.
.