ZIMKHALELE umshayeli wetekisi osolwa ngokugwaza abulale umfundi wakwaGrade 11 abemshela, nokuthiwa ucasulwe wukuthi akafuni ukulala naye ngemva kokumthengela utshwala.
UMnuz Sanele Dube (29), uboshwe ngoLwesibili esekubhaceni eChesterville, wavela enkantolo yeMantshi eMbumbulu izolo.
Uthweswe icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokudlwengula. Usolwa ngokugwaza abulale umfundi uSibahle Biyela (17) waseSphephele High eFolweni, maqede wamdlwengula ngoba ecasulwa wukuthi umufi ubenqaba ukuya naye ocansini.
UDube uzobuyela enkantolo ngoLwesithathu oluzayo ngo-Okthoba 21 ukuze kuqinisekiswe ikheli lalapho ehlala khona.
IMantshi uNksz P Moodley, ithe ngalolu suku kuzobe sekubekwa usuku ayobuya ngalo enkantolo uDube ezofaka isicelo sebheyili.
Umshushisi * -Adv Seema Reddy, uthe uMbuso uzosiphikisa isicelo sebheyili. Ngaphandle kwenkantolo bekubhikisha amalungu ebandla i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA), awe-ANC nomphakathi waseFolweni ezokweseka umndeni kaSibahle.
Bekuphethwe izingqwembe ebezinemibhalo ethi umsolwa akancishwe ibheyili, kuliwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane. Ngesikhathi kuvela uDube enkantolo, esikoleni obekufunda kusona uSibahle, bekunenkonzo yesikhumbuzo sakhe izolo. Uzongcwatshwa ngempelasonto.
Kusolakala ukuthi ngeSonto ngo-Okthoba 4, uDube wabizela endlini yakhe uSibahle nomngane wakhe wabathengela utshwala. Kuthiwa kwaphuzwa, ngokuhamba kwesikhathi uDube ongumshayeli wetekisi eFolweni wazunywa wubuthongo.
“Umsindo waqala ngenkathi umsolwa esephaphama ebona uSibahle nomngane wakhe sebehamba. Kungalesi sikhathi lapho okuthiwa wagwaza khona ekhanda umngani kaSibahle waquleka. Wahubha umufi abuya naye esemgwaza okuthiwa wathi efika naye endlini wabe esemdlwengula eseshonile,” kusho isihlobo sikamufi.
Sithe kusolakala ukuthi umsolwa wabe esesonga isidumbu sikaSibahle ngengubo yokulala wasishutheka ngaphansi kombhede. Awuthandanga ukuphawula ngalolu daba usoseshini wamatekisi eFolweni.
Umfundisi uLindokuhle Gumede we-UCCSA obekukhonza kulo umufi, uthe: “Ingane yethu ibulawe kabuhlungu yilo mgulukudu esithokozayo ukuthi usuboshiwe. Siphakamisa ukuthi anganikwa ibheyili,” kusho uGumede.