LIKHALELWE amasongo kaSigonyela ikhehla elingumfundisi elina-78 laseNewtown A, eNanda, eliboshelwe icala lokudlwengula lakhulelisa umzukulu walo (19).
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma emuva kokuboshwa ngoMsombuluko.
Kusolakala ukuthi lo mkhulu ubesephendule umzukulu wakhe isigqila socansi kusukela ngoJanuwari 1, 2017 kwaze kwashaya uMeyi 31 nonyaka.
Kuvela ukuthi indaba ibhadlake ngesikhathi ingane igonyuluka komakhelwane ngokukhulelwa kwayo nokuthi umsolwa uyiyalele ukuthi ikhombe omunye umuntu ngokukhulelwa.
Kuthiwa ikhehla belihlala nomzukulu walo, kuyilo elimgadile kusukela kwashona abazali bakhe eminyakeni edlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukhuthaze umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi ubikele amaphoyisa ngokushesha izigameko zalolu hlobo.
“Kumele zivikelwe ngaso sonke isikhathi izingane ezincane ebantwini abangamanqe njengomsolwa esiphila nabo emphakathini. Abaholi emiphakathini nezinhlangano eziwumele bayacelwa ukuthi bavakashele emakhaya ahlala izingane ezingenabani ukuze baqiniseke ukuthi azihlukunyezwa yilabo abanikwe umsebenzi wokuthi bazikhulise,” kusho uConst Ngcobo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uncome amaphoyisa abophe ngokushesha umsolwa okusolakala ukuthi ubekade esephendule umzukulu wakhe isigqila socansi.
“Iyanyanyisa indaba yokuthi abantu okumele ngabe bavikela izingane emphakathini yibona kanye abaphenduka abahlukumezi bazo. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azoluphenyisisa lolu daba ngoba sinenkolelo yokuthi kungenzeka zikhona ezinye izingane ezibe sogibeni olufanayo,” kusho uNkk Khoza.
Uphosele inselelo amaphoyisa ukuthi abophe nabantu abebethule, belunyathela ngezinyawo lolu daba ekubeni bebazi kahle kamhlophe ukuthi ingane ibihlukunyezwa.
Uthe ezomthetho kumele zithumele umyalezo oshubile emphakathini ukuthi izigameko zalolu hlobo, eziwubulwane, kazamukelekile.
Lo mnyango uthe uthumele osonhlalakahle kulo mndeni ukuze kwelulekwe ingane nomndeni ngokwengqondo futhi usizwe ngezinto ozidingayo.