ZIMKHALELE esemzini wakhe umfundisi webandla laseZion osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe nentombazanyana yakwamakhelwane KwaSwayimane ngaphandle kwaseMgungundlovu.
Lo mfundisi webandla lakhona kuleya ndawo laseZion, kugasele amaphoyisa kulandela ukuqubuka kwezindaba zokuthi ubeqhoqhobala indodakazi yakhe, wagcina esengenelela nengane yakwamakhelwane.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi ithumba liqhumbuke esendlwengula ingane yakwamakhelwane, yalubika udaba kubo. Kuthiwa abakubo kwengane yakwamakhelwane babe sebegasela emzini walo mfundisi, indodakazi yakhe nayo yakhihla isililo yathi nayo kade yayigilwa uyise imikhuba.
“Siphithene amakhanda ngale nto eyenzekile ngoba besizitshela ukuthi umfundisi lo muntu. Kusimangazile ukuvela kwezinsolo zokuthi ubedlwengula ingane yakwamakhelwane ecishe ilingane nendodakazi yakhe, naye okuvele
ukuthi kunesikhathi eyidlwengula. Kuthiwa ibisaba ukuphumela obala ngalo mkhuba abewugila,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa njengoba usondelene kakhulu nalolu daba.
Izingane ezithintekayo kuthiwa ziyiswe kodokotela ukuhlolwa nokutholwe ukuthi ngempela zinukubeziwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka engu-30 ngamacala amabili okudlwengula.
“Uzobekwa icala bese evela enkantolo maduze,” kusho uColonel Mbele.
Leli phephandaba lithole ukuthi lo mfundisi ubewakhonzile amantombazanyana amancane, ngisho nasebandleni bekujwayelekile ukuthola engungwe yiwona.
Umthombo weSolezwe ngoMgqibelo uthe banovalo ukuthi kungenzeka ukuba akuwona la mantombazanyana kuphela athintekayo kodwa kukhona namanye. “Siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngabe abekho yini abanye abathintekayo kulolu daba abebesaba ukuphumela obala ngoba ubewakhonzile impela amantombazanyana amancane lo mfundisi,” kusho umthombo ocelwe lingalokothwa igama lakhe.
Leli phephandaba lihoshe umoya othi unkosikazi walo mfundisi ube esecela abomndeni wakhe bemlande emzini wabo KwaSwayimane emuva kokuthola ngalesi sigameko.