UBOSHIWE umfundisi oneminyaka engu-27 osolwa ngokudlwengula ivolontiya elineminyaka engu-14 KwaMfana, eShowe. Umfundisi waseZayoni kuthiwa ubekhwelele intombazane ngoDisemba nyakenye uma ibizwe wumama umfundisi ukuzobasiza emzini wabo.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi ivolontiya labizwa wumfundisi ngoDisemba 22, inkosikazi ingekho.
Kuthiwa umfundisi wabizela umgilwa ekameleni wabe esemdlwengula.
Kuthiwa wasabisa umgilwa ngokuthi uzombulala uma ebika ngokwenzekile.
Isolezwe lithole ukuthi intombazanyana yathula nodaba kodwa kwabonakala ukuthi kukhona okungahambi kahle kuyo ngoba yashintsha indlela eziphatha ngayo, yaqala nokushesha ukucasuka.
NgoLwesihlanu odlule kuthiwa unina womgilwa ubuye emsebenzini wamfica ekhala, wathola ukuthi selokhu ebuye esikoleni iyakhala.
Eseyibuza ukuthi ikhalelani kuthiwa ivele yagonyuluka ukuthi umfundisi wasebandleni wayidlwengula ngoDisemba.
Kube sekuvulwa icala eShowe, umfundisi waboshwa phambi komndeni wakhe ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe umfundisi uzovela maduze enkantolo ngecala lokudlwengula.
“Umsolwa oneminyaka engu-27 uboshwe ngezinsolo zokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14. Uzovela maduze enkantolo ukuze abhekane necala, uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,”kusho uCapt Gwala.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi leli volontiya belikhonzwe yinkosikazi kamfundisi, ehlala ngokulicela ukuba limvakashele.
“Le ngane ibimthemba umfundisi nenkosikazi yakhe futhi beyithanda nayo njengevolontiya lasebandleni. Ibihlala ivakasha, ibasiza nangemisebenzi yasendlini. Kushaqe wonke umuntu wasebandleni nasemphakathini ukuthi kanti igilwe lo mkhuba. Ngisho naye umama mfundisi kuthiwa ushaqekile esebona kugasela amaphoyisa ebopha umyeni wakhe. Isimo simbi impela endaweni ngenxa yalesi sigameko,” kusho umthombo.