UGADWE ngamaphoyisa esibhedlela eGreytown, KwaZulu-Natal, owesilisa oneminyaka engu-22, osolwa ngokugwaza abulale owesifazane (36) abethandana naye eflethini eliseJabulani, eSoweto, eGauteng.
Ngokusho kwamaphoyisa, isidumbu sikamufi sitholakale endlini ebivaliwe ngoLwesine olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngomuntu wesifazane okungenzeka ukuthi ubulewe wase evalelwa endlini eyiflethi eJabulani.
UMasondo uthe amaphoyisa awachithanga sikhathi, aqonda ngqo kule ndlu abikelwe ngayo, afike akhahlela umnyango angena ngaphakathi.
“Endlini kutholakale isidumbu sowesifazane obenenxeba lokugwazwa kwesingenhla somzimba wakhe,” kusho uMasondo.
Kuthiwa uphenyo olunzulu lwamaphoyisa aseGauteng, mayelana nalesi sigameko sokubulala, luwaholele KwaZulu-Natal.
Kubikwa ukuthi indoda engumsolwa itholakale esibhedlela esiseGreytown, kanti kunezinsolo ezithi izidlise ushevu.
“Umsolwa ube esebekwa ngaphansi kweso lwamaphoyisa futhi uzothweswa icala lokubulala uma nje eseluleme,” kusho uMasondo.
Lo sigaxamabhande uveze ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ukuze kutholakale imbangela eholele kulokhu kubulala.