Izindaba

Kuboshwe owokufika etholakala nenqwaba yezidakamizwa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athole izidakamizwa zenani likaR10m

Image: SAPS

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athole izidakamizwa zenani elilinganiselwa ku-R10 million, abopha owesilisa wangaphandle oneminyaka engu-37 ubudala ngesikhathi kunomkhankaso obuholwa ngabezobunhloli eQuarry Heights, eThekwini ngoLwesithathu ntambama. 

Amaphoyisa angamalungu ophiko lweProvincial Drugs and Firearms Unit asebenzise ezobunhloli ukulandela umkhondo womlisa obedayisa izidakamizwa nangempela umsolwa watholakala nazo izidakamizwa. 

Kuboshwe owokufika etholakala nenqwaba yezidakamizwa

Image: SAPS

Uphenyo olwengeziwe luholele amaphoyisa endaweni yokuhlala ekuCaters Street lapho kutholwe khona amasaka e-heroin, i-crystal meth ne-cocaine.

Umsolwa uphinde watholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-47.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi eThekwini maduze ngamacala okudayisa izidakamizwa kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. 

Kuboshwe oyedwa kutholakala amasaka izidakamizwa

Image: SAPS