UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa oneminyaka engu-23 osolwa ngokuthinteka ekubalaweni kowesifazane ona-22 isidumbu sakhe esinqunu esitholwe ngeSonto ekuseni oThongathi.
Isidumbu sikaNksz Komell Pillay sitholwe esakhiweni esidala sinqunu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa.
"Umsolwa wesilisa uboshwe izolo oThongathi ngecala lokubulala. Uzovela eNkantolo yeMantshi eVerulam maduze," kusho uGwala.
Umndeni uveze ukuthi uKomell, obaziwa ngelikaDelicia, akabuyanga ekhaya ngemva kokuya endaweni yokuzijabulisa nomunye wesifazane ongumngani wakhe ngoMgqibelo ebusuku.
Udadewabo uDesray uthe bazama ukumthinta ngocingo ngeSonto, kodwa ucingo akekho owaphundula ucingo lwakhe.
Umndeni wabe usuthola ucingo oluvela emaphoyiseni ebazisa ukuthi isidumbu sikaPillay sitholakale esakhiweni esidala eBrake Village.
Okhulumela umndeni uthe izinsolo zokuthi uPillay udlwenguliwe wase eyaklinywa azikaqinisekiswa ngoba uhlolo lwesidumbu alukaphothulwa.