KUBOSHWE owesilisa okusolakala ukuthi ungomunye wabahlasele owesifazane waseMzinto bashaqa uR47 000 wemali yesitokofela ngeSonto ebusuku.
UNkk Bawinile Mbili, waseMistake Farm, eMzinto, uhlaselwe emzini wakhe ngabesilisa ababili ebebegqoke njengamaSulumane.
“Bekungabo-9 ebusuku ngibuka ithelevishini ngesikhathi ngizwa kukhona okuwayo ekhishini. Ngithe ngisathukile, ngezwa kuqhuma isibhamu kabili, kudutshulwa amawindi nesicabha.
“Ngizivalele kwelinye lamagumbi nengane yami eneminyaka emithathu, okuthe uma ikhala basivumbulula lapho sicashe khona baphoqa ukuthi ngibanike imali, bathatha namaselula,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi ehlaselwa kushaqwe imali ewuR47 000 yesitokofela namaselula.
Uthe imali eshaqiwe ngeyesitokofela somama abebesezinhlelweni zokuthi sihlukaniswe ngenyanga ezayo.
Lo wesifazane ungudadewabo kaMnuz Reggie Lungisa Dlamini, oyikhansela laku-ward 6 kule ndawo, owahlaselwa ngaphambi kokhetho lohulumeni basemakhaya. Kwasolwa ukuthi lokhu kwenziwa ababengahambisani nokuthi aphakanyiswe kwesobukhansela ihlandla lesibili.
UDlamini nomndeni wakhe basesekubhaceni ezihlotsheni ngenxa yalesi sigameko sokuhlaselwa kwabo.
Kuthiwa ngesikhathi kuhlaselwa umndeni wekhansela, udadewabo, uNkk Mbili, wasinda ngokuthi wayesemzini wakhe njengoba eganile.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa abophe owesilisa kanti aphenya icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nesamba semali esingadalulwanga.
.