UYATHUTHUMELA umndeni waKwaCaluza, eMgungundlovu, ngokubulawa kwamalungu awo okuthiwa adutshulwe ngabesilisa abebezenza abantu abafuna umqasho.
Kudutshulwe kwabulawa uNksz Ayanda Dlamini (32) nonina wakhe, uNksz Nosihle Dlamini ( 52) ngoLwesine.
Kuboshwe owesifazane othandana nobulili obufana nobakhe ngokusocongwa kwalaba ababili. Umsolwa kuthiwa ubese aliwe wumufi kodwa engayizwa eyokuthi bahlukane. Bekulindeleke avele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu izolo ngecala lokubulala.
Elandisa ngokwenzekile, uNksz Noluthando Dlamini ongumzala ka-Ayanda, uthe namanje umndeni usadidekile.
“Kunzima kuthina sonke emndenini. Akuvumi samukele lesi sehlo sokushonelwa ngabantu ababili ngesihluku esingaka. Sisamangele namanje uma sicabanga lesi sihluku esibonwe yizingane zika-Ayanda ezintathu nezisindile kudubula la madoda,” kusho uNksz Dlamini.
Eqhuba uthe kumanje umndeni umatasa nezinhlelo zokungcwaba futhi uhlela nokuhambisa izingane kodokotela bengqondo.
La madoda kuthiwa abuze u-Ayanda kunina owashiye emile phambi komnyango ngabo-8 ebusuku, wahamba eyokwazisa indodakazi yakhe ukuthi kukhona abayidingayo. Abasolwa kuthiwa balandele unina kamufi sebephethe izibhamu ngezandla maqede babadubula egunjini abebekulo. U-Ayanda nonina wakhe baphelele khona lapho, kubikwa ukuthi badutshulwe emakhanda nasesifubeni.
Kushaye isikhathi sokushicilela lolu daba, amaphoyisa engayiphenduli imibuzo ethunyelwe kuwo.