ZIMKHALELE umsebenzi wasendlini (44) waseWaterloo, eVerulam osolwa ngokweba ubucwebe nempahla kamqashi wakhe ebiza imali engaphezu kukaR250 000.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uMnuz Prem Balram, uthe umqashi walona wesifazane ongusomabhizinisi uthole ukuthi ubucwebe bakhe abuphelele.
Kuthiwa ubucwebe balona wesifazane butholakale endlini yomsebenzi wakhe
wasendlini.
UBalram uthe bekusemuva kwehora lesikhombisa ekuseni ngoLwesithathu ngesikhathi lo somabhizinisi ebona ukuthi impahla yakhe ebiza imali engaphezu kukaR250 000
ayisekho.
Uthe lo somabhizinisi uchaze ukuthi ubucwebe bakhe bebuhlala bufihliwe ekhabetheni futhi sekuphele izinyanga ezintathu bugcinwe kuleli khabethe bufihliwe nokwenze kwanzima ukuthi akwazi ukuqinisekisa ukuthi buntshontshwe nini.
“Onogada bathole ukuthi umgilwa ubesanda kuqasha umsebenzi wasendlini. Ngesikhathi bexoxisana nomsebenzi wasendlini ukuvezile ukuthi ubebuntshontsha ubucwebe nemali ngezikhathi ezahlukene. Uthe impahla uyidayisele umlisa waseNigeria obenebhizinisi elithenga igolide. Uphinde waveza ukuthi lo mlisa wamkhokhela uR8 500 ngesikhathi emnika imali engu-1 000 US dollars ayeyintshontshile. Uphinde waveza ukuthi usagcine obunye ubucwebe bomphathi wakhe endlini yakhe,” kusho uBalram.
Uthe ngesikhathi befika endlini kalona wesifazane ukhiphe iwashi lohlobo lweRaymond Weil, amabhangela amabili nomgexo wegolide.
Uveze ukuthi ngesikhathi beya kulo mlisa obekuthiwa impahla beyidayiselwa yena ukuphikile ukuthi uyamazi lona wesifazane wathi akaze athenge lutho kuyena.
Uthe onogada baqhubekele phambili bathinta umqashi walona wesifazane wangaphambilini naye okuqinisekisile ukuthi wake wamntshontshela ngesikhathi esebenza kuyena.
Uthe wamxosha emsebenzini kodwa wangamvulela icala.
UBalram uthe lo msebenzi uboshiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asePhoenix abophe lona wesifazane ngecala
lokweba.
Uthe umgilwa uveze ukuthi untshontshelwe ubucwebe bakhe ngumsolwa amaziyo.
UZwane uthe kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo maduzane.