Izindaba

Kuboshwe onqume wahlahlela ibhungu

Charles Khuzwayo|Published

KUSHAQISILE ukubulawa ngesihluku kukaMnuz Nkanyiso Mhlongo-Latha endaweni yaseXobho Isithombe: SITHUNYELWE

ULALE ebaliwe umlisa osolwa ngokubulala ngesihluku ibhungu lasesigodini saKwaShange, eSpringvale, eXobho.

Umsolwa ushaqwe ngamaphoyisa asesiteshini saseHighflats izolo emini emuva kokusoleka ekubulaweni kukaMnuz Nkanyiso Mhlongo-Latha ngalolu suku.

Ngokusho kukayise omncane kamufi, uMnuz Sthembiso Latha, umsolwa uqhutshwe ngamaphoyisa wayowakhombisa lapho abulalele khona indodana yomfowabo.

ULatha uthe umufi uhlaselwe ngezithuba zabo-5 kuya ku-6 ntambama ngeSonto.

KUSHAQISILE ukubulawa ngesihluku kukaMnuz Nkanyiso Mhlongo-Latha endaweni yaseXobho Isithombe: SITHUNYELWE

“Sengathi ubekomunye umuzi wakwaZuma obekunetiyana khona lapha endaweni yangakithi eSpringvale. Usuke khona ngabo-4 ntambama ewumuntu ozowela emfuleni aye entombini yakhe. Akabange esawela-ke lapho ezansi.”

Uthe ube esehlaselwa wumuntu thizeni.

“Akwazeki noma lo muntu uqhamuke ngemuva noma baficane lapho kodwa mina ngimfice enezingozi ngemuva. Emklabhile, wamgenca. Wamnquma intamo, wabe esemhlahlela nasesifubeni. Uthulele lapho.”

ULatha uthe yena umfice ngezintathakusa ngabo-2 ngoMsombuluko eseshonile.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa aKwaZulu-Natal ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.