KUPHINDE kwaba nenjabulo ehostela laseMlaza eGlebelands kuboshwa omunye osolwa ngokuba yinkabi eseyibaqedile abantu.
Owesilisa oneminyaka engu-25 uboshwe ngoMgqibelo kulandela umkhankaso weDurban Flying Squad nophiko lwamaphoyisa iRapid Rail.
Isolezwe lithole ukuthi kube nenjabulo ehostela njengoba abantu bakhona bekholwa wukuthi amazambane abolile asusiwe, okwenza bakwazi ukuhamba ngokukhululeka.
Kwenzeka lokhu nje nangenyanga edlule bekubhiyozwa khona eGlebe kade kuboshwa omunye osolwa ngecala lokubulala.
Umthombo weSolezwe ocele kugodlwe igama lawo ukuze uphephe, uthe kubajabulise kakhulu ukuboshwa kwendoda esolwayo ngoba kuzovela iqiniso enkantolo ngezigameko zokubulawa kwabantu ehostela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kunendoda eboshwelwe icala lokubulala.
“Umkhankaso uthela izithelo ezinhle njengoba kuboshwe owesilsa oneminyaka engu-25 ngecala lokubulala. Utholwe ne-magazine nezinhlamvu. Kulindeleke avele kusasa (namhlanje) enkantolo yaseMlaza,” kusho uCapt
Gwala.
Uthinteka ekubulaweni kukaMnuz Simphiwe Ndebele (26), owadutshulwa entathakusa yangoJulayi 29 2018.
Wadutshulwa kaningi emzimbeni.
Umsolwa kulindeleke ukuba ahlanganiswe nabanye abasolwa ngokuba ongqondongqondo ekubulaweni kwabantu eGlebelands.
UMnuz Senzo Cele (27), yena oboshwe ngenyanga edlule, ngecala lokubulala naye uzohlanganiswa nabo laba icala labo eliqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UCele ugcinwe esitokisini, icala lakhe lalihlehliselwe u-Ephreli 24 2019.
Ngokusho kwesishoshovu samalungelo abantu uNksz Vanessa Burger, ukubulawa kwabantu ezinyangeni zokuqala konyaka zenza babe ngu-117 abantu asebebulewe eGlebelands kusuka ngoMashi 2014.
Eminye imibiko iveza ukuthi kungenzeka ukuba bacela ku-200 abantu ababulewe kuleli hostela kusukela ngesikhathi esifanayo.