AMALUNGU omndeni kaNjabulo Mankayi elinde amaphoyisa atakule isidumbu sendodana yawo esithokale eBayhead izolo, ngemuva kokuduka ngoLwesine eye esikoleni Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA
SEKUBOSHWE owesilisa okusolakala ukuthi uyinyanga, mayelana necala lokuthumba nelokubulala abafana ababili abaduke ngeledlule isidumbu somunye wabo esitholwe ngoMgqibelo, esinye satholwa izolo.

Isidumbu sikaNjabulo Mankayi (10) obefunda uGrade 3, eClairwood Primary sitholwe ngabasebenzi bakwaTransnet sintanta emfuleni eBayhead, ngaseClairwood izolo ekuseni.

UNjabulo nomngani wakhe uLuyanda Msomi (10) baduke ngoLwesine beya esikoleni, bangabe besabuya.

Abazali babo babikele amaphoyisa ngokuduka kwabo ngoLwesine, aqala abathungatha. Omunye womakhelwane wabasolwa, ufonele abazali bakaNjabulo ebatshela ukuthi bababonile nomngane wakhe uLuyanda bedlala nezingane zeshende likayise kaNjabulo ekhaya lalo emjondolo yaseMandela ngaseClairwood ngoLwesine,

NJABULO Mankayi
LUYANDA Msomi

Lobu bufakazi bunikwe amaphoyisa, abe esehlohla imibuzo abasolwa okuthiwa bagcine bevumile ukuthi yibona abazibulele izingane izidumbu zazo bazilahla.

Abasolwa ngoMgqibelo bahambe namaphoyisa beyokhomba lapho belahle khona isidumbu sikaLuyanda eduze kwesiteshi sesitimela eClairwood satholwa.

NgeSonto umsolwa obethandana noyise kaNjabulo uyise amaphoyisa lapho bephose khona isidumbu sakhe edamini uMhlatuzana ngaseClairwood kodwa babuya belambatha.

Isidumbu sikaNjabulo size satholwa izolo.

Kube nomunyu kubazali bakaNjabulo izolo bebona isidumbu sendodana yabo. Banqabile ukukhuluma nabezindaba bathi le ndaba sebeyikhulume kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asebophe umsolwa wesithathu ngecala lokubulawa kwabafana.

“Umsolwa oneminyaka engu 32, uvelile namhlanje (izolo) eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Abanye kulindeleke ukuthi bavele kusasa (namhlanje),” kusho uColonel Mbele. Uthe umsolwa ovele inkantolo izolo uzobuyela ngoMsombuluko. Uthe ngeke akwazi ukusho okwamanje ukuthi isidumbu sikaNjabulo sicwiyiwe noma cha ngoba basalinde umbiko kadokotela ocwaninga izidumbu.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa obethandana noyise kaNjabulo umsongelile esanda kumala wathi uzomfundisa abantu. Umthombo uthe isizathu esidale ukuthi uyise kaNjabulo amale umsolwa ukuthi ubengamhloniphi unkosikazi wakhe emfonela amthuke.

“Uyise kaNjabulo obesethandana isikhathi eside nomsolwa, bejola babuye bahlukane njengoba nangenyana edlule ephinde wamala,” kusho umthombo.

Ilungu lomphakathi lapho kuhlala khona abasolwa, uMnuz Sanele Nzimande, lithe abasabafuni abasolwa endaweni ngoba abasabathembi.

“Sisabela izingane zethu ukuthi azisaphephile uma sihlala nabantu abakwazi ukwenza isihluku esifana nalesi,” kusho uNzimande.

Ilungu lomphakathi, uNksz Zanele Ntuli lithe bafuna abasolwa bagwetshwe udilikajele ngabakwenzile.

Ethintwa izolo, uyise kaLuyanda, uMnuz Terrance Msomi ucele ukuba afonelwe namuhla ngoba bebenomhlangano womndeni.

Kodwa ngeSonto ngesikhathi ekhuluma neThe Mercury esesitebeleni esisodwa neSolezwe uthe ushaqekile ezwa ngezindaba zokushona kwendodana yakhe.

“Ingane yami ishonile, angazi ukuthi ngizothini kodwa udaba olude engingafuni ukukhuluma ngalo, ngikhathazekile,” kusho uMsomi