UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele ukhale ngezivakashi ezingayilandeli imigomo ebekwe kuleli, nonhloso yayo kuwukulwa nokubhebhetheka kweCovid19 ngenkathi enesithangami sabezindaba izolo eGeorge, eWestern Cape.
UCele uthe kuphoqelekile ukuthi amaphoyisa abophe izivakashi ezisuka e-Europe nezibanjwe zintweza emabhishi aseLangebaan, eWestern Cape ngoLwesibili, ngenkathi ehambele le ndawo ngenhloso yokuyobheka ukuthi iyahlonishwa yini imigomo yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
“Amaphoyisa abophe izivakashi ezificwe emabhishi okungavumelekile ukuthi asetshenziswe njengoba evaliwe. Angiqondi ukuthi kungani lezi zivakashi zephule imigomo ebekiwe nengahambisani nokusetshenziswa kwamabhishi. Ngiyacabanga ukuthi zenze lokhu ngoba zibukela phansi umthetho wakuleli,” kusho uNgqongqoshe uCele.
Eqhuba uthe amaphoyisa anqume ukubuthana kuleli dolobha ngenhloso yokubheka isimo nokuqinisekisa ukuthi imigomo iyalandelwa.
“Njengoba isimo siya ngokuba ngcono kulesi sifundazwe abantu sebenomkhuba wokungena emabhishi yize engakavulwa. Yingakho kujutshwe amaphoyisa ukuzoqapha isimo,” kusho uCele.
uNgqongqoshe uthe abantu abahamba ngezikhathi okungamele babonakale ngazo emigwaqweni bazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela. Uthe labo abangazixaki ngokufaka izifonyo nabasaqhubeka nokudayisa utshwala bazovalelwa.
“Sibi kakhulu isimo sezibalo sabantu abahaqwe yiCovid-19. Ngebhadi asikwazi ukuhlalisa amaphoyisa emakhaya njengoba kunalesi simo. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi nawo aqaphele ngokuzinakekela yize ephansi phezulu nomkhankaso wokuqapha izephulamthetho,” kusho uCele.
Uyale amaphoyisa ukuthi aqikelele ukuthi ayaphepha njengoba isimo singesihle kulezi zinsuku. Uthe uyakuthakasela ukubizwa kwabombutho wamaphoyisa emhlanganweni wezinhlelo zokusatshalaliswa komgomo wegciwane kuleli ngoba nawo angabanye babasebenzi bakuleli abenza umsebenzi obalulekile, nabadlala indima enkulu ekunqandeni ukubhebhetheka kwegciwane kubantu bakuleli.