KUBOSHWE amadoda amabili asolwa ngokuba yizinkabi ezadubula, zabulala abaganene asebekhulile bakwaGumede eNkolokotho, eMtuba, ngoNovemba nyakenye.
UPhilani Ncebo Mthethwa (22) noZandiswa Mncedisi Ndlela (23) baboshwe base bevela eNkantolo yeMantshi KwaMsane, ngoLwesibili. Icala lihlehliselwe uFebhuwari 22 ukuze bacele ibheyili.
Kuthiwa uMthethwa uboshwe eseTembisa, eGauteng, lapho ekade ebhace khona. UNdlela uboshwe khona eMtuba.
Isolezwe labika ngokubulawa kukaNkk Dumazile Joyce Gumede (59) nomyeni wakhe uMnuz Mfanazi Gumede (57) abangenelwa ngabantu ababezenza abathengi benyama yenhloko eyayidayiswa uNkk Gumede, ngoNovemba 21 nyakenye.
Badutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu bashonela endlini. Abahlaseli bashaya bachitha nezibhamu ezimbili ezisemthethweni, okungesikaGumede nesendodana yakhe.
Ababulawa babenesitolo esingaphandle kwegceke lomuzi wabo ababesiqashisele abantu bokufika.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uGumede wadutshulwa kabili emhlane ezama ukubaleka, inkosikazi yakhe yadutshulwa kathathu esiphongweni. Bashonela endaweni yesehlo.
UMnuz Lucky Gumede oyindodana endala ebantwaneni bakwaGumede, uthe bajabule bewumndeni, bafuna nokuthi abasolwa banganikwa ibheyili futhi bagixabezwe ngezigwebo eziqinile.
Uthe ufuna nokuthi abasolwa bakhiphe abantu abebebathumile, kwenzeke ubulungiswa.
“Omunye wabasolwa ufike namaphoyisa ekhaya namhlanje (izolo) basikhiphela phandle, bezophenya. Sithokozile ngokuboshwa kwabo ngoba kwasihlukumeza ukubulawa kwabazali bami. Lezi zingane ezabulala azisho ukuthi zathunywa ubani? Basitshele nesizathu sokubulala,” kusho uGumede.