IGIJIME yashiya isithunzi yaze yayofika esiteshini samaphoyisa intombazane eneminyaka ewu-11 “ebidlwengulwa” ngumalume wayo ephindelela, bese ivalelwa nasendlini ukuze ingathi vu.
Kulesi sigameko esenzeke esigcemeni sase-17 eJozini, kugcine kuboshwa izelamani, okungowesifazane nomfowabo osolwa ngalesi senzo.
Kuthiwa le ngane igijima iya emaphoyiseni nje, ibihlale ivalelwa endlini noma iya esikoleni iqithizwa khona iphinde ilandwe iphuma nje esikoleni, ukuze ingakwazi ukukhuluma udaba lwayo lokudlwengulwa.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomthombo osondelene nalolu daba, ngosuku le ntombazane ebaleke ngalo yaya emaphoyiseni, ibivunyelwe ukuyodlala emnyango okuyinto ebingenzeki.
“Ithe uma ibona ukuthi ayinakiwe, yagijima yaze yayofika esiteshini samaphoyisa yayobika lokhu kudlwengulwa,” kusho umthombo.
Le ntombazane kuvela ukuthi ihlala nalo wesifazane nomyeni wakhe nomfowabo walo wesifazane okuwuyena osolwa ngokuyidlwengula.
Kusolwa ukuthi le ntombazane ibisiphila ngokuvalelwa endlini kulandela ukuthi itshele owesifazane nomyeni wakhe ukuthi idlwengulwa ngumalume.
Umthombo uthi le ntombazane iqale ukuveza ukuthi inukubezwa ngumalume ekuqaleni konyaka kodwa lo wesifazane nomyeni wakhe bakunyathela ngezinyawo lokhu.
Kuvela ukuthi kwenzeke lesi sigameko ibisiphila ngokuhlala ivalelwe endlini ingakwazi nokuphuma iyodlala nontanga bayo.
“Kuthiwa bebezama ngayo yonke indlela ukuqinisekisa ukuthi alwaziwa lolu daba. Bese besebenza ukuyihambisa esikoleni ingane baphinde bayilande ngoba bengafuni ukuthi ithole ithuba lokukhuluma ngalento,” kusho umthombo.
Amaphoyisa abe eseyigcina le ntombazane ukuqinisekisa ukuthi iphephile. Lo wesifazane kuthiwa ufike esiteshini samaphoyisa esezovula icala lomuntu olahlekile.
“Ubengazi ukuthi aseyazi amaphoyisa ngengane, abe esemvalela ngaleso sikhathi. Yilapho agcine esemkhipha khona umfowabo ngoba ubesebhace kwenye indawo. Kusolwa kuthi wahamba emuva kokuthi le ngane isimcebile,” kusho umthombo.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile isigameko sokuboshwa kwalezi zelamani.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe laba abanye abasolwa baboshelwe ukuvikela umsolwa.
UCol Mbele uthe laba baphule umthetho wesigaba 32/2007 ohambisana noSection 54 ngokwehluleka ukubika ukuthi ingane iyadlwengulwa.
“Umgilwa wayesekhaya ngesikhathi edlwengulwa umsolwa, wabika naku-anti kodwa bathi angatsheli muntu. Bebemvalela endlini umgilwa kodwa wakwazi ukubaleka wayobika emaphoyiseni aseJozini. Uboshiwe umsolwa ngecala lokudlwengula, owesifazane uboshelwe ukuphula umthetho avikele umsolwa angabiki nokuthi ingane iyadlwengulwa,” kusho uCol Mbele.