KUBOSHWE isoka elingusomatekisi ngokufa kwephoyisa laseMandeni elidutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngosuku lwalo lokuzalwa.
USergeant Nonhlanhla Lindiwe Mazibuko (40) udutshulelwe lapho kade eqashe khona eBhidla, eMandeni, ngoMgqibelo ntambama.
Isolezwe lithole ukuthi isoka (43) belivakashile kuzogujwa usuku lukamufi lokuzalwa.
Kuthiwa uthume enye yezingane zikamufi ukuthi iyothenga inyama.
Kuthiwa basale bodwa base behilizisana, umsolwa wase edubula umufi ephindelela.
Isoka kuthiwa libe selizinikela esiteshini samaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Brigadier Jay Naicker, uthe baphenya icala lokubulala. Akukaziwa ukuthi kube yini imbangela yokudubula.
“Ngabo-5.30 ntambama iphoyisa lesifazane lidutshulwe isoka lalo eBhidla, eMandeni, emuva kwengxabano. Lidutshulwe amahlandla amaningi emzimbeni lashonela khona lapho. Umsolwa uboshiwe emuva kokuzinikela emaphoyiseni. Uzovela enkantolo maduze. Isibhamu okusolwa ukuthi sisebenzile sithathwe ngamaphoyisa. Amaphoyisa aseSundumbili aphenya icala lokubulala,” kusho uNaicker.
Uninalume kamufi, uMnuz Nhlanhla Zungu, uthe nabo badidekile ngokwenzekile umshana wakhe edutshulwa yisoka lakhe.
“Bekuwusuku lakhe lokuzalwa izolo (ngoMgqibelo) kukhona nesoka lakhe. Asazi ukuthi kwenzekeni ngoba bebesele bobabili endlini. Siyalazi isoka lakhe kodwa bekungeyena umuntu omkhokhele noma abanengane naye,” kusho uZungu.
Isoka nephoyisa bese benesikhathi eside bethandana, kusho ilungu lomndeni.
USergeant Mazibuko kuthiwa ubenezingane ezimbili, eyodwa ifunda umatric nenye esiqedile isikole. Izingane kazizalwa wumsolwa.
Umufi ubesesebenze esiteshini samaphoyisa eMandeni kusukela ngo 2006.
Ibamba lomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, likugxekile ukubulawa kwephoyisa.
“Kuyasicasula ukuthi uSergeant wasesiteshini saseMandeni abulewe ngumuntu abethandana naye, engekho emsebenzini. Lokhu kusho ukuthi umbutho ulahlekelwe omunye umsebenzi obelwa nobugebengu. Siyazwelana kakhulu nomndeni wakhe nozwakwabo,” kusho uMkhwanazi.