KUBOSHWE iphoyisa eliwu-Warrant Officer (51) okusolwa ukuthi lithinteka emacaleni okubulala abantu abayisithupha eMpumalanga, eHammarsdale, ngonyaka odlule.
Iphoyisa liboshwe ngoLwesihlanu eGoli emuva kophenyo olunzulu.
Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, Lieutenant General Khombinkosi Jula, usekushayele ihlombe ukuboshwa kwephoyisa ebelifunwa mayelana nesehlakalo sangoDisemba 11.
“Abaseshi be-Provincial Organised Crime Unit beholwa nguBrigadier Teboho Mbele kade belandela umkhondo izinyanga ezimbili. Noma behlangabezane nezingqinamba eziningana kepha bagcine bephumelele. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi bonke abenzi bobubi bayabhekana namacala,” kusho uJula.
Iphoyisa kulindeleke ukuthi livele enkantolo yemantshi eMpumalanga namhlanje nomunye asolwa naye uMnuz Buhlebakhe Khomo (29), yena owaboshwa ngo-Januwari 2.
NgoDisemba 11 nyakenye, umndeni owawuhleli ekhaya lawo e-Unit 3 eMpumalanga ubuka ithelevishini wezwa ukuqhuma kwesibhamu kuvela esicabheni nasemawindini. Kwafa abantu abayisithupha abaneminyaka ephakathi kuka-11 no-52 endaweni yesehlo.
Umfana oneminyaka emithathu walimala emva kokudubuleka onyaweni kodwa wasinda. Kwavulwa amacala okubulala nawokuzama ukubulala esiteshini saseMpumalanga, idokodo ladluliselwa ophikweni oluphenya ngamacala ahleliwe esifundazweni ukuze kube yiwo aphenyayo.
Ngenyanga edlule kubulawe usomatekisi waseShongweni Dam okuthiwa wadutshulwa amaphoyisa ayefike emzini wakhe efuna omunye okuthiwa wayesolwa ecaleni lokubulawa kwabantu abayisithupha.