KUSIZE ukufika kwamaphoyisa umphakathi ufuna ukulidla luhlaza iphoyisa eliboshelwe icala lokubulala ngokudubula inkosikazi yalo enguthisha eFredville, eNtshangwe, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.
Umsolwa oneminyaka engu-44, osebenza esiteshini samaphoyisa sasendaweni, uboshelwe icala lezinsolo zokubulala uNkk Thobeka (MaMsomi) Nene (41).Umufi ubenguthisha esikoleni iNtshanga Primary.
Kusolakala ukuthi uNkk Nene udutshulwe ngoLwesithathu ngo-11 ebusuku kwazise kukhona abazwile ngesikhathi izithandani zixabana, kusolakala ukuthi umsolwa ubeshaya umufi.
Kuthiwa umufi ulandwe esebalekela emnyango eqonde emotweni abezoyishaya izule abuyele kubo kodwa umsolwa wamvimba, wamshaya kanzima, wamhudulela endlini.
Kuvela ukuthi akuphelanga sikhathi esingakanani kwezwakala umsindo wokuqhuma kwesibhamu kanye.
Umthombo weSolezwe, olwaziyo udaba, ulandise wathi umsolwa ube esemboza isidumbu wahlala naso ubusuku bonke.
Uqhube wathi ekuseni izolo umphakathi utheleke namaphoyisa emzini wezithandani, umsolwa wathi ngo-6.30 ekuseni bahlaselwe yisigebengu esifike sadubula umkakhe.
“Abezimo eziphuthumayo bathintathinte isidumbu, bathola ukuthi igazi selomile, kubonakala ukuthi umufi ubulawe izolo ebusuku. Umphakathi ubufuna ukuqeda ngephoyisa ulisola ngokuthi selijwayele ukudubula abantu lingaboshwa. “Iphoyisa belihlala ngokumhlukumeza umkalo, limshaya aze abalekele kubo,” kusho umthombo.
Izolo kufike namaphoyisa ahamba nezinja ezihogela umkhondo kufunwa isibhamu okubulawe ngaso umufi, okusolakala ukuthi umsolwa usilahle khona ebusuku.
Kusolakala ukuthi iphoyisa belingasasiphathi isibhamu somsebenzi ngenxa yezinsolo zokuthi labulala ngokudubula owesilisa wakhona endaweni. Kusolakala nokuthi ladubula nozakwabo. Akangashona, lathi belizivikela.
Umufi ushiye emhlabeni izingane zakhe nomsolwa ezimbili zamantombazane ezifunda uGrade R noGrade 5. Kuthiwa bezingekho ekhaya kwehla isehlo, bezikwagogo wazo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Petros Nxumalo, lithe bawukhuzile umphakathi bathi uyekele emaphoyiseni enze umsebenzi wawo.
Uthe abesifazane bebebhoka, bebuza ukuthi koze kube yinini bebulawa.
“Kusize ukufika kwamaphoyisa amabharethi athatha umsolwa ahamba naye. Into yalesi sigameko icacile nje. Akukho ngisho ukufunisela,” kusho uNxumalo.
Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuboshwe umsolwa ona-44, wabekwa icala lokubulala. Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.
Okhulumela uphiko oluphenya ngezenzo zamaphoyisa (IPID), uNksz Lizzy Shuping, ubengenayo imininingwane ephelele ngesikhathi ethintwa ngodaba.