LIVELE izolo eNkantolo yeMantshi yaseNquthu iphoyisa elisolwa ngokweba izishaqane zemali, okuthiwa bezishaqwe ngamaphoyisa emzini othile wosolwa ngokudayisa izidakamizwa eMondlo ngempelasonto.
Lo msolwa, ona-40 owusayitsheni esiteshini samaphoyisa esiseMondlo, kuthiwa uboshwe ngoLwesibili emva kokunyamalala kwemali, Isolezwe elithole ukuthi bekuyisamba sika- R179 000 ebesigcinwe esiteshini njengezibithi. Kuvele ukuthi isisefo ebigcinwe kuso besingagqekeziwe kodwa sivulwe kahle ngokhiye.
Kuthiwa ngempelasonto amaphoyisa abegasele emzini kasomabhizinisi wendawo osolwa ngokudayisa izidakamizwa ophinde abe ngumashonisa afika khona ashaqa inqwaba yomazisi babantu, amakhadi okuhola izibonelelo zikahulumeni, izibhamu ezimbili nezinhlamvu nemali kwayogcinwa kulesi siteshi njengezibithi.
UNobhala wenyunyana, iSouth African Police Union (Sapu), uNkk Nesi Mdletshe, ekhuluma neSolezwe, uthe ukuboshwa kwaleli phoyisa eliyilungu lenyunyana akubanga nabo ubulungiswa.
“Sithole ukuthi mabili amaphoyisa anokhiye kule ndawo egcina amazibithi. Kuthiwa ilungu lethu lifike ekuseni ingekho imali lavula icala kodwa umphathisiteshi waphinde wavulela lona icala. Okudidayo ukuthi kungani evulele iphoyisa elilodwa kuphela icala ekubeni besebenza bebabili futhi ulivula kanjani icala ebese livele livuliwe?” kusho uNkk Mdletshe.
Uthe beyiSapu bakholelwa ukuthi umphathisiteshi kwakumele amvulele icala lokuqamba amanga umsolwa kunokuthi aphinde avule okwesibili icala eselivuliwe, wathi lokhu kukhombisa ukuthi unenzondo naye.
Uthe namuhla bazoba senkantolo ukumeseka ngoba bakholwa ukuthi uboshelwa amanqina enyathi
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokweba. Uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-40 ozovela eNkantolo yeMantshi eNquthu namuhla.
Isiteshi samaphoyisa saseMondlo sivele sisematheni kulezi zinsuku ngodaba lokuhlaselwa ngamaphoyisa kukaMnuz Phumlani Zwane (28) osinde efuna ukumnquma uqhoqhoqho ngesonto eledlule, owavulele icala. Emva kokubikwa kwalolu daba, maningi amalungu omphakathi akhale ngokungasebenzi ngendlela kwalesi siteshi nenkohlakalo edla lubi.