KUBOSHWE iphoyisa leJohahannesburg Metro Police Department (JMPD) kulandela ‘ukugwazelwa’ ngoR10 ngumshayeli wetekisi eSoweto.
Okhulumela iJMPD, uChief Superintendent Wayne Minnaar uthe, iphoyisa belimisa itekisi ngasePretoria Glen eSoweto ngoMsombuluko ngoba ingenayo inumber plate nomshayeli wayo engaziphethe izincwadi zokushayela.
“Ubanjwe oqotshweni igatsha eliphenya amaphoyisa kulo mnyango, umshayeli wetekisi ukuqinisekisile ukuthi ugwaze ngoR10, uzoba ngufakazi wombuso,” kusho uMinnaar.
Iphoyisa liboshiwe lagcinwa esiteshini samaphoyisa ePretoria Glen.
UMinnar uthe inhloko yeJMPD, uMnuz David Tembe, iyaveva ngalesi sigameko.
UTembe ubhale kutwitter waveza ukuthi basaqhubeka nokukhuculula inkohlakalo. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo kuleli sonto.
Our Internal Affairs Unit has just arrested one of our own for accepting a bribe of R10.00 from a Taximan in Soweto. We are committed to rooting out those who dare tarnish the image of all Law Enforcement fraternity.
— David Tembe (@AsktheChiefJMPD) January 14, 2019
Losing night shift allowances, danger allowance, Pension package, Medical Aid, annual bonus, SIMPLY BECAUSE OF R10🙄🙄🙄? Disgraceful...
— Donald Mabunda (@MabundaDee) January 14, 2019