IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela inyanga yaseMasosheni, eGreytown, okuthiwa ibidlwengula abantu besifazane abakhendla kuyona ibalutha ngokuthi umphambili wayo yilona khubalo eyelapha ngalo, othole wona ngeke aphinde ahlupheke.
Inyanga eneminyaka engu-26 esingeke sikwazi ukuyidalula ngoba ayikaveli enkantolo, iboshwe ngoLwesine ekuseni isekhaya layo. Leli phephandaba lihabule ngemithombo yalo ukuthi inyanga ibimatasa ithaka amakhathakhatha ayo ngesikhathi ezakwadalwane zitheleka yathuka, yajuluka yamanzi te bayigaxa izinsimbi bachitheka nayo.
Kuthiwa imikhuba yayo isabalele endaweni. Kuyaziwa ukuthi yelapha kakhulu isifazane esitshela ukuthi induku yayo ikhipha amashwa, izinto zaso zikhanye. Kuvele nokuthi uyabagqugquzela ukuthi bazohlalela ngasekhaya lakhe kanti ufuna ukuzitika ngabo ehleli nabo. Umthombo uthi inyanga iboshwa nje sekunabesifazane abebehlala kuyo le nyanga, belashwa besuka esigodini eShana, eGreytown. Kuvela nokuthi laba besifazane bebeze ngosizi lwabo, bengazi ukuthi lo mlisa ubaconsela amathe njengoba behlala naye.
Kuthiwa omunye wabo uvule icala lokudlwengulwa njengoba inyanga ligcine liyishonele nje. Akuqondakali ukuthi lo wesifazane ukhuleliswe yiyo yini inyanga noma ukhulelwe kwenye indawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalo mlisa.
Uthe umgilwa ubikele amaphoyisa ukuthi wabhozonyelwa yile nyanga yamdlwengula. Uthe kwavulwa icala eKranskop ladluliselwa ophikweni olubhekene nobugebengu obuhambisana nocansi njengoba ethelekelwe ezakwadalawane, waboshwa.
"Kulindeleke ukuthi umsolwa avele eNkantolo yeMantshi eKranskop kusasa ebhekene necala lokunukubeza ngokocansi owesifazane oneminyaka engu-25,’’ kusho uColonel Mbele.