OYINHLOKO yoKlebe, uLieutenant-General Godfrey Lebeya wethule umsebenzi abawenze phakathi kukaJanuwari noMashi kulo nyaka
Image: Fikile Marakalla/GCIS
BANGAPHEZULU kuka-600 ababoshelwe amacala abucayi eNingizimu Afrika phakathi kukaJanuwari noMashi kulo nyaka.
Lokhu kuvezwe oyiNhloko yophiko loKlebe, uLieutenant General Godfrey Lebeya, esithangamini sabezindaba izolo ePitoli.
ULebeya uthe lesi sibalo esingu-656 esababoshelwe amacala afana nawenkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushintshisana ngemali, ubugebengu obenziwa online (cybercrime) nokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Uthe amanye amacala ebebewabheka kakhulu awokubulawa kwamaphoyisa, ukubanjwa kwezimoto zemali inkunzi, ukuthumba nokushushumbiswa kwezidakamizwa.
Uveze ukuthi iGauteng izihola phambili ngesibalo esiphezulu sababoshelwe lama cala njengoba imi ku-139, ilandelwe iNorth West ngo-99, kuze iKwaZulu-Natal ngo-88 bese kuba yi-Eastern Cape neFree State ebanesibalo esilinganayo esingu-73 isifundazwe ngasinye.
ULebeya uthe kulesi sibalo sababoshiwe, amaningi amacala asesezinkantolo ngakho ngeke kube lula ukudalula ukuthi mangaki asefinyelele esiphethweni.
Ngokusho kwakhe, angu-22 amaphoyisa abulewe kulesi sikhathi, wathi angu-16 kulesi sibalo, abulawa engekho emsebenzini, kuthi ayisithupha abulawa esemsebenzini.
"Esikhathini esifanayo, kuboshwe abangu-38 ngamacala okubulala amaphoyisa. Abangu-14, balahlwe yila macala, banikwa odilikajele abayishumi nanye neminyaka engu-487 ngaphezulu," usho kanje.
Uthe uphiko lwakhe luphenya amacala angu-50 okubanjwa inkunzi izimoto zemali, wathi kuboshwe abasolwa abangu-64 ngala macala namanye.
Udalule ukuthi abangu-13 babasolwa, abalahlile lama cala.
Uveze ukuthi angu-33 amaphoyisa aboshelwa ukuzibandakanya ebugebengwini.Kuwona uthe kukhona angu-19 omgwaqo, bese kuba angu-14 ophiko lweSouth African Police Service (SAPS).
Uthe lesi sibalo sisezifundazweni iGauteng, Mpumalanga neFree State.
"Baboshelwe amacala afana nokukhwabanisa, inkohlakalo, ukubulala, ukubamba inkunzi nokuthikameza ukusebenza kwengalo yomthetho," kusho uLebeya.
Wengeze ngokuthi ayisithupha agwetshiwe, kulandela ukulahlwa kwawo amacala okukhona kuwo ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukuhlanganisa itulo lokubamba inkunzi, ukukhwabanisa nenkohlakalo.
“Siphinde sakhipha imiyalelo engu-102 yokushaqwa kwempahla yenani likaR418 million. Kuphinde kwafakwa imali enguR19 million kwiCriminal Assets Recovery Account (CARA),” usho kanje.
Ubuye wadalula nokuthi zingu-395 izibhamu ezingekho emthethweni abazitholile kanye nezinhlamvu ezingu-1 746.
Uthe babuye bavukuza nezidleke okwenziwa kuzo izidakamizwa, bashaqa izidakamizwa zenani likaR23 million.
Related Topics: