KUBOSHWE inkosikazi ngokufa komyeni obengusomabhizinisi eShakas Head.
Emuva kokuboshwa kwakhe kube sekuvalwa amabhizinisi endoda ngenxa yokuthi bese kusatshiswa amanye amalungu omndeni wayo.
Amalungu omndeni kaMnuz Nkosingiphile Ngcobo (42) amabili asebaleke ngisho emakhaya ngenxa yokufunwa ngabathize okuqale emuva kokushona kwakhe ngoFebhuwari 24.
Kuboshwe uNkk Smangele Ngcobo (41) noMnuz Msawenkosi Dladla (35) waseNtshawini ngokufa kukaNgcobo obenesitolo, oShisanyama ababili nendawo yokuqashisa.
Kuthiwa umufi ushone engasezwani nomkakhe emuva kokuba ezwe ukuthi ufuna ukuthatha inkosikazi yesibili.
UNkk Ngcobo usolwa ngokushisa imoto kamufi ngosuku lwezithandani, ngaphambi kokubulawa kwakhe nokuthunga isu lokumthengela izinkabi.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba, lithe bahlalele ovalweni. Leli lungu lomndeni lithe sekuze kwaba kwathathu kufika abantu abangaziwa bezolifuna ekhaya. Okwenza lisabe kakhulu wukuthi omunye osolwayo ngokufa kukaNgcobo akakaboshwa. Belisondelene noNgcobo libuye libheke namabhizinisi.
“Ngisola ukuthi ukusatshiswa nokufunwa kwami kuhlobene nokubulawa kukamufi ngoba kwaqala emuva kokushona kwakhe. Sesiphoqeleke ukuthi siwavale amabhizinisi akhe ngoba sizama ukuziphephisa. Ngiyile kumseshi nelinye ilungu lomndeni elisatshiswayo sabhala isitatimende.”
Umndeni kamufi uthe ubusuwazi ukuthi usefuna ukuthatha enye inkosikazi futhi engasabhekani nomkakhe, sebehlala nangokuhlukana. UNgcobo wayesekhumule nendandatho yomshado.
UNksz Xolile Sibisi (42), okuthiwa ubesezogana umufi, uvumile uthe ubezolotsholwa ngenyanga ezayo. Naye usekubhaceni ngoba akaphephile. Bese bazana nomnakwabo kodwa bengazwani.
“Bengingahlali nomufi kodwa bengike ngifike kwezinye izitolo zakhe. Nami ngicabanga ukuvula icala ngoba ngake ngasatshiswa uNgcobo esaphila. Kumanje angazi ngiphephe kangakanani njengoba esebulewe.”
UNkk Ngcobo waboshwa esemakhandleleni ngoMashi 2, umyeni wakhe wathunwa etokile.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuboshwe ababili bavela okokuqala eNkantolo yeMantshi eMhlali ngoMashi 5.