Umsolwa oneminyaka engu-23 wakhona endaweni uvele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo izolo, kuthiwa ugulukudele kulo muzi entathakusa ngeSonto ngemva kokuxabana nendodana yakhona.
Yize amalungu omndeni wabagilwa engathandanga ukukhuluma neSolezwe kodwa umthombo okhona endaweni uthe umsolwa ubephuzile kanti bahilizisane nomgilwa oyindodana yakulo muzi ongumakhelwane wakubo. Kuthiwa ugulukudele ephethe umkhonto okuthe uma ivula wayijaha ngawo yabaleka yayongena lapho kulele khona unina nodadewabo.
“Bazame ukuvimba umsolwa bevikela ilungu lomndeni kodwa umsolwa kuthiwa ubesethukuthele eveva, umkhonto wawufaka kunina (kamgilwa) nakudadewabo ngaphambi kokuthi adlulele kuyena,” kusho umthombo.
Kulesi sehlo kuthiwa udadewabo kamgilwa ona-19 ushonele endaweni yesigameko kanti unina ushone ngemva kwesikhashana engeniswe esibhedlela, indodana yakhe isasesibhedlela.
Umthombo uthe selokhu kwenzeke lesi sigameko amalungu omphakathi asashaqekile, alokhu engene njalo ezobhonga emswaneni kulo mndeni ohlaselwe.
Uveze ukuthi umufi ona-19 ushiye usana olunenyanga eyodwa luzelwe.
“Yinto ebuhlungu le eyenzeke endaweni yethu. Kubuhlungu kakhulu ukuthi ingane encane kanje izokhula ingamazi unina,” kuqhuba umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe umsolwa ubhekene namacala amabili okubulala nelokuzama ukubulala.
“Amalungu omndeni kuthiwe abelele entathakusa ngeSonto ngesikhathi ehlaselwa wumsolwa. Owesifazane ona-45 ushonele esibhedlela kwathi ona-19 washonela endaweni yesigameko. Kulindeleke ukuthi umsolwa oneminyaka engu-23 avele enkantolo.