IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela iMeya yomkhandlu waseNdumeni nabanye abasolwa ababili ngezinsolo zokuhlela itulo lokubulala uSomlomo okuthiwa ubelwa nenkohlakalo yamathenda.
Okhulumela uphiko lwamaphoyisa aphenya amacala abucayi, amaHawks, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe abasolwa baboshwe ngoLwesine ekuseni ngemuva kokugasela kwethimba loKlebe lisebenzisana neNational Intervention Unit.
1. #KZNKILLINGS: The Hawks have arrested a mayor, a Councillor and a suspected hit man. They are accused of planning the assassination of a senior office bearer in Dundee #sabcnews
— Chanté Siyamthanda Jantjies (@ChanteJantjies_) May 24, 2018
"Amaphoyisa athole ulwazi ngokuthi kunetulo lokubulala uSomlomo womkhandlu. Abasolwa abathathu okuyiMeya, iKhansela kanye nenkabi ebizosetshenziswa abaneminyaka eqala ku 31 iya ku 38 bebehlela ukusoconga uSomlomo osolwa ngokuvimba ukukhishwa kwelinye lamathenda. Sithole ukuthi uSomlomo ubesola ukuthi kungenzeka ukuthi bekuhlelwa ukwenziwa ubukhonyovu ngaleli thenda," kusho uMhlongo.
Abasolwa abathathu kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi e-Escort namhlanje ngezinsolo zokuhlela itulo lokubulala kanye nezinye izinsolo.
Kuboshwa laba basolwa nje siyaqhubeka nokushuba isimo sokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal okusolakala ukuthi kuhlobene nokubangwa kwezikhundla ngokunjalo nokudliwa kwezimali kuhulumeni.
Khonamanjalo, sishayelwe ihlombe isinqumo sokuqokwa kukaGeneral Godfrey Lebeya njengeNhloko entsha yamaHawks.
Congratulations to General Godfrey Lebeya who has been appointed as the Head of the Hawks @SAPoliceService- General Lebeya has years of experience. Let’s join hands and #MakeSASafe. pic.twitter.com/2Gph0Fctu5
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) May 24, 2018