I-ANC izwakalise ukushaqeka ngokuboshwa kwekhansela layo elikuMasipala waseMsunduzi elibekwe icala lokubulala uMnuz Msawenkosi “Maqatha Awaziqobi/Qashana” Mchunu owayeyisishoshovu se-ANC owabulawa ngentululwane yezinhlamvu ngoMeyi.
Isolezwe lithole ukuthi leli khansela livele kafushane enkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko nabanye abasolwa abayisithupha.
Kuvela ukuthi leli khansela lihlala ku-ward 10 eMsunduzi lapho kwakuhlala khona uMchunu kanti liboshwe ngeSonto namanye amadoda ayisithupha nawo ahlala kule ndawo.
Kuthiwa phakathi kwababoshiwe kukhona unogada wekhansela nendodana yePhini leMeya yaseMgungundlovu.
Esitatimendeni uNobhala we-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe bashaqekile ngokuboshwa nokubekwa icala kwekhansela labo elisebenza Msunduzi futhi bazodedela umthetho ukuthi uthathe indawo yawo.
“Sicela amalungu ethu asebenzisane nezinhlaka zomthetho kulolu daba. Yize sikholwa ukuthi wonke umuntu umsulwa kuze kube ulahlwa yicala kodwa lezi zinsolo zinzima futhi zidinga ukufakelwa izibuko. IKwaZulu-Natal inesizigameko eziningi zokubulawa kosopolitiki futhi amaqabane ethu yiwona abulawayo,” kusho uNkk Simelane Zulu.
Uthe bayathemba ukuthi izinhlaka zomthetho zizokwenza konke okusemandleni ukuqeda ukubulawa kosopolitiki ukuze nayo izoqala izinhlelo zayo zokuqondisa ubugwegwe ngaphakathi ukuze ithumele umyalezo oshubile kwabathintekayo.
Ugqugquzele amalungu e-ANC ukuthi abe yisibonelo esihle emphakathini wathi ukuthinteka kwekhansela labo ecaleni lokubulala kuyaphoxa futhi kukhombisa ngokusobala ukuthi lolu daba kufanele lusukunyelwe phezulu.
“Sizoqhubeka nomkhankaso kaThuma Mina wokugqugquzela amalungu e-ANC ukuthi avikele inkululeko yabantu nokuthi aqinisekise ukuthi wonke umuntu akahlukumezeki. Sizoqhubeka nangokugqugquzela amalungu ukuthi abumbane nawombimbi. Ukusebenzisana kubalulekile futhi ubumbano yilona oluzosisiza ukubhekana nezingqinamba esinazo nalezo esisazohlangabezana nazo. Sizozinqoba uma simunye,” kusho uNkk Simelane Zulu.