ABOSHWE esemsebenzini amaphoyisa amabili esiteshini eSiphingo, ngamacala enkohlakalo nokweba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe aboshwe ngemuva kokuba kufike ummangali esiteshini ezovulela amaphoyisa amacala eSiphingo, ngoMgqibelo.
UNaicker uthe ummangali owunogada ubike ukuthi ubeqaphe indawo yamabhizinisi eSiphingo, ngesikhathi amaphoyisa amabili elesifazane nelesilisa, efika emhloma imibuzo ngezinsolo zokuthi udayisa ugwayi.
“Unogada uvumile wase ewayisa lapho ewubeke khona ugwayi. Abe esemyalela ukuthi apakishe amakhathoni kagwayi awu-48 evenini lamaphoyisa, zamkhalela. Aphoqe unogada ukuthi akhokhe uR1 500 ase emdedela ngaphandle kokumbeka icala,” kuchaza uNaicker.
Kube sekuthintwa ithimba lamaphoyisa elilwa nenkohlakalo esifundazweni. Kuthe uma kufika abaseshi balo esiteshini, ummangali wabakhombisa lawa maphoyisa abesemsebenzini, zawakhalela.
Kulindeleke ukuthi lawa maphoyisa avele eNkantolo yeMantshi eThekwini, namuhla ngamacala enkohlakalo nokweba.