AKHALELWE ngamasongo kaSigonyela amaphoyisa ayisishiyagalombili noLietenant General osathatha umhlalaphansi ngamacala enkohlakalalo.
Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba ngoLwesine laba baboshwe nabanye abasolwa abayisithupha abangabasebenzi benkampain eyodwa besolwa ngamacala okubalwa kuwo inkohlakalo, ukweba nokushushumbisa imali.
Kubikwa ukuthi lenkampani ibisolwa ngamacala aqala ukubikwa ngonyaka ka-2017, nokuyilapho uKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Khehl Sitole asungula khona igatsha lamaphoyisa eliyisipeshele lokubhekana nenkohlakalo liholwa uBrigadier Tony Perumal.
Leli thimba lisebenze ngokubambisana nabashushisi begatsha labaphenyi bophiko lwezokushushisa kuleli iNational Prosecuting Authority ngaphansi kobuholi buka-Advocate Hermione Cronje.
"Kusukela ngo-2018 leli thimba lamaphoyisa liphenya ngenkohlakalo yethenda yokumakwa kwezimoto zamaphoyisa. Ngesikhathi kuqhubeka lolu phenyo
kutholwe ukuthi abantu abawu-9, okubalwa kubo amalungu eSAPS, abaphathi benkampani ezimele kanye nabesebenzi bayasolaka kwinkohlakalo ethinta imali yoMbuso," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo.
Abasolwa abayisishiyagalombili baboshwe namhlanje ezintatha ezinaweni abahlala kuzo. Kubo kuboshwe uLieutenant General Ramahlapi Johannes Mokwena (60) owayesebenzela ehhovisi elisePitoli kwaSupply Chain Management.
Kuboshwe no-Brigadier James Ramanjalum (55) (owayeyi-Section Head Procurement), Brigadier Jabez Naidoo (49) (Station Commander: Point Police Station KZN) uboshelwe eThekwini, Brigadier Lesetja David Mogotlane (57) (Section Head: Mechanical Services) oboshelwe eSoshanguwe; Colonel Thomas Dumisani Marima (50) (Section Commander: Vehicles and Tactical Equipment),Lieutenant Colonel Veeran Naipal (47) (Vehicle Support: Pretoria Central Garage), Lieutenant Colonel Alpheus Nkosibanke Makhetha (46) (Technical Expert: Vehicle Fleet), Jacoba Magadela Havenga (49) (Chief Prov Clerk: New Vehicle Store, Marcell Duan Marney (33) (Chief Provisioning Clerk to Brigadier Ramanjalum), Krishna Chetty (62), Kishene Chetty (38); Lorrette Joubert (44) (ongumnikazi weVatika Trading), Maricha Joubert (24), Kumarasen Prithviraj (ongumnikazi wenkampani iKgotho) noVolan Prithviraj (indodana kaKumarasen) ababoshelwe ePitoli.
Amaphoyisa athe kusazoboshwa omunye uLieutenant Colonel.
UGeneral Sitole ulishayele ihlombe ithimba lamaphoyisa elibophe abasolwa ngentshisekelo eliyikhombisile kusaphenywa.
"Bebehlale bexhumana nami ngophenyo olushubile abebephezu kwalo kusukela ekuqaleni. Angingabazi ukuthi sinobufakazi obuqinile ngabasolwa ababoshiwe," kusho uSitole.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele ezinkantolo ezisazoqinisekiswa namhlanje noma kusasa.
USitole uthe kusangenzeka kuboshwe amanye amaphoyisa.