KUBOSHWE amakhansela amabili e-ANC nemenenja yoMkhandlu wasoThukela ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa.

Elinye lamakhansela aboshiwe kuthiwa liboshwe ngoMgqibelo nabaqaphi balo ababili. Ikhansela elingeke lidalulwe ngoba alikabuzwa ukuthi liyalivuma noma liyaliphika yini icala livele eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle ngoMsombuluko icala lalo lahlehliselwa uMsombuluko ozayo ukuze licele ibheyili.

Elinye ikhansela nemenenja, nabo abangeke badalulwe ngoba abakaveli enkantolo, baboshwe ngoLwesithathu.

Umthombo weSolezwe ongaphakathi oThukela uthe kudlala amabhululwe kwamanye amakhansela ngemuva kokugasela kwamaphoyisa emahhovisi omkhandlu.

“Ababoshwe ngoLwesithathu abakaveli enkantolo kodwa ikhansela eliboshwe ngoMgqibelo nonogada balo livele ngoMsombuluko,” kusho umthombo.

Uthe ngoLwesithathu kuphazamisekile ukusebenza emkhandlwini ngemuva kokugasela kwamaphoyisa.

“Kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-12, bekungangeni kungaphumi lutho kwamasipala amaphoyisa evalile ephenya agcina eshaqe imenenja nekhansela,” kusho umthombo.

Uthe isizathu esidala ingebhe kwamanye amakhansela wukuthi amaphoyisa athe ayabuya ngesikhathi esehamba.

“Sizwa kuthiwa amaphoyisa asekhona lapha oThukela awahambile njengoba esaqhubeka nophenyo,” kuqhuba umthombo.

Isolezwe selibike kabanzi ngezinkinga ezikhungethe uMkhandlu wasoThukela eziholele ekutheni umasipala ugcine ufakwe ngaphansi komlawuli.

Umasipala usanda kuba sehlazweni ngemuva kokuthi iPhini leMeya, uNkk Nombali Mchunu, labanjelwa imoto yomkhandlu egaraji ngemuva kokuhluleka wukukhokhela uphethroli kade selithelile.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe akakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba luthinta ithimba lamaphoyisa likaNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, uthe ithimba longqongqoshe bezinhlaka zokuphepha lathatha isinqumo sokuthi lingazenzi izitatimende kwabezindaba amancozuncozu.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisa neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa agaselile emahhovisi oMkhandlu wasoThukela kwabakhona abahloma imibuzo.

“Umlawuli ojutshiwe kulo mkhandlu usibikele ukuthi amaphoyisa afikile kwabakhona abaphoswa imibuzo. Amaphoyisa ayawazi umsebenzi wawo sicela anikwe ithuba asebenze futhi siyabaxwayisa abantu ukuthi bangajahi ukufika esiphethweni zingakaqedwa zonke izinhlelo ezenziwayo,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Umthombo uqhube waveza ukuthi kukhona nomunye oke wahlonywa imibuzo ngokubulawa kwePhini lomsakazi wezindaba ze-IFP oThukela uMnuz Zakhele Mazibuko obulawe ngoSepthemba.