AKHALELWE ngamasongo kaSigonyela amalungu amahlanu omndeni owodwa ngecala lokugenca umakhelwane wawo amshaya nangemvubu ekhala ngokuthi ubathukile, eDlabane, eMganini KwaCeza.
Lawa malungu omndeni angeke adalulwe bekulindeleke ukuba avele enkantolo izolo ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Asolwa ngokuhlasela uMnuz Ndukuzempi Ndwandwe (64), ngeledlule. Kulaba ababoshiwe kubalwa unkosikazi nomyeni, umamezala, nabazukulu ababili.
Isolezwe lithole ukuthi umsindo usuke ngesikhathi umgilwa edlula ngakamakhelwane wakhe, eya kubo. Kuthiwa kwaba nengxabano, amanye amalungu alo mndeni abe esemhlasela emhlanganyela.
Ilungu lomndeni kamgilwa, uNkk Hambile Ntombela, lithe badumele kakhulu ngokuhlaselwa kukamfowabo njengoba abuye angaphili ngokomqondo.
“NgoLwesithathu, ngezwa ukuthi umfowethu ushayiwe omakhelwane bethu abaphinde babe yizihlobo zethu, ngabe sengiyovula icala lokushaywa kwakhe. Amaphoyisa aze ababopha abasolwa ngoMgqibelo,” kusho uNkk Ntombela.
Uthe lolu daba lubaphathe kabi kakhulu ngoba umfowabo kuyaziwa ukuthi akaphilile kahle ngokomqondo, uthola ngisho nesibonelelo sikahulumeni ngakho ukugula.
“Ngokuzwa kwethu kuthiwa abasolwa bathi umfowethu wabathuka base bemshaya. Unamanxeba amathathu ekhanda okugencwa, emzimbeni ke wayeshaywa ngemvubu. Uphelile nje. Okubuhlungu kakhulu ukuthi kuyaziwa ukuthi uyagula lo muntu. Kunesikhathi ethola isibonelelo sikahulumeni ngakho ukugula,” kusho uNkk Ntombela.
Uthe kumanje umfowabo ubhekene nezinhlungu ezimangalisayo njengoba ethungiwe lapho elimele khona.
UNkk Ntombela akazange akuphike ukuthi umfowabo ngelanga lesigameko wayephuze utshwala. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabahlanu ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
“Abasolwa bazovela kusasa (namhlanje) enkantolo yaseMahlabathini,” kusho uCaptain Gwala.