KUBOSHWE abesifazane ababili abasolwa ngokunganaki izingane zabo ezine ezishone kusha imijondolo e-Alexandra, eGoli, ngeSonto ekuseni.
Kubikwa ukuthi laba besifazane bebecwile ezinkambini zikaFaro ethaveni ekulendawo ngesikhathi kusha imijondolo nezingane zabo.
Ingane eyodwa ishonele endaweni yesigameko, ezintathu zishonele esibhedlela ngeSonto ntambama. Okhulumela isiteshi samaphoyisa e-Alexandra uCaptain Stephen Malatjie uthe laba besifazane bashiye izingane zabo ezineminyaka eqala ku-3 kuya ku-6 nomfana oneminyaka engu-14 ozalwa ngoyedwa wabo.
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star, lithole ukuthi lo mfana nguye othinte amaphoyisa ngesikhathi kuqubuka umlilo ngeSonto ekuseni kodwa yena akalimalanga. UMalatjie uthe kulekelele omakhelwane ukuzama ukucisha umlilo ngaphambi kokuthi kufike izicishamlilo.
Abesifazane ababoshiwe, abaneminyaka engu-29 no-30 bazovela eNkantolo yeMantshi eWynberg ngoLwesibili.