Izindaba

Kuboshwe abeqembu lemigulukudu eMaoti ngenqwaba yamacala okubulala

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISOLEZWE: Amaphoyisa aqhuba umsebenzi eMaoti lapho okudutshulwe kwabulawa khona abantu abathathu.

Image: Doctor Ngcobo Independent Newspapers

ABASESHI baseNanda kanye namaphoyisa kaMasipala weTheku bavimbezele babopha abasolwa abane abebefunwa uthuli ngokuhlasela umphakathi wase-Amaoti, eNanda kusukela ngoJuni 2024. Abasolwa baboshwe ngoMgqibelo mhla ka-19 Ephreli 2025.

Amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa abebecashe emzini oseCato Manor, nokuthe uma efika amaphoyisa athola abasolwa abane nezibhamu ezimbili, izinhlamvu nempahla okusolakala ukuthi yebiwe njengama-laptop namaselula.

"Okwamanje abasolwa mayamaniswa namacala angaphezu kuka-20 okubulala kanye nenqwaba yamacala okuzama ukubulala okuthiwa bawenza endaweni yase-Amaoti eNanda kusukela ngoJuni 2024 kuze kube yimanje," kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal

Uthi uphenyo lusaqhubeka futhi kusathungathwa abanye abasolwa abaningi.

Abasolwa ababoshiwe, abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-33 ubudala, bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesine.