KUBOSHWE abasolwa ababili okuthiwa bebehlukumeza umphakathi waseMbhongoshweni, oLundi ngokugqekeza nokudlwengula.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele, uthe izolo abasolwa oMnuz Ntuthuko Sithole (19) noSithembiso Bongani Phakathi (40) bavele eNkantolo yeMantshi eMahlabathini. Icala lihlehliselwe u-Ephreli 6. Abasolwa bagcinwe esitokisini kanti babhekene namacala amane okudlwengula, amahlanu okubamba inkunzi namabili okugqekeza. Kuthiwa amacala enzeka phakathi kukaJanuwari noMashi nonyaka. UCol Mbele uthe abasolwa bebehlasela abantu abebehlala emakotishi ngabodwana, abebefike oLundi ngoba bezofuna umsebenzi.
Kuthiwa bebekhomba ngommese abagilwa, babadlwengule bese bethatha izimpahla zabo maqede bashaye bachithe. Kuthiwa amacala avulwa esiteshini samaphoyisa oLundi. Amaphoyisa abe eseqala enza uphenyo.
Ngo-Mashi 29 ithimba lamaphoyisa Trio Task Team oLundi, labopha lawa madoda esacashe eMkhazane, oLundi. Kuthiwa batholakala nezimpahla ebezibiwe kubagilwa ngenkathi bebamba inkunzi, kanti kuthiwa abasolwa bakhonjwa ngabagilwa.
UColonel Mbhele uthe abasolwa babhekene namacala amane okudlwengula, amahlanu okubamba inkunzi namabili okugqekeza.
Ukhomishana wamaphoyisa obambile eKZN uMajor General Thulani Gonya, uncome ithimba eshaqe abasolwa wathi: “Izigebengu kumele zingacabangi ukuthi ngeke zibanjwe. Sithemba ukuthi abagilwa bazothola ukuphumula bazi ukuthi abasolwa bazobhekana nengalo yomthetho.”