KULINDELEKE bavele enkantolo kuleli sonto, abasolwa abahlanu ababoshwe ngamaphoyisa eKuvukeni, ngoLwesihlanu, okusolakala ukuthi bebezama ukubamba inkunzi iPosi elikule ndawo.
KULINDELEKE bavele enkantolo kuleli sonto, abasolwa abahlanu ababoshwe ngamaphoyisa eKuvukeni, ngoLwesihlanu, okusolakala ukuthi bebezama ukubamba inkunzi iPosi elikule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe abasolwa abayisithupha abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-45, kusolwa ukuthi bangene kuleli Posi behlome ngezibhamu ekuseni ngalo uLwesihlanu.
“Amaphoyisa athole umbiko anikela endaweni yesigameko. Ngesikhathi efika ahlangabezane nemvula yezinhlamvu ebiqhamuka ngakubasolwa, kwase kuqala ukudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa. Kufe umsolwa oyedwa oneminyaka eko-40 oshonele endaweni yesigameko,” kusho uNaicker.
Uthe amaphoyisa athole izibhamu ezintathu ezincane nenqwaba yezinhlamvu nezibhamu ezehlukene nesamba semali esingakadalulwa.
UNaicker uthe imoto ebihamba abasolwa ithathwe ngamaphoyisa ukuze kwenziwe uphenyo.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukwamukele ukuboshwa kwalezi zigilamkhuba.
“Ukuphendula ngokushesha kwamaphoyisa sikushayela ihlombe. Sinethemba lokuthi ukuboshwa kwabo kuthumela umyalezo ocacile ezigebengwini kulesi sifundazwe. Amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla futhi ukubopha okufuze lokhu sekuyinto ebonakala yenzeka njalo KwaZulu-Natal,” kusho uMkhwanazi.