BAVELA namhlanje eNkantolo yeMantshi eVerulam, abasolwa abathathu abathinteka ecaleni lokuthumba nelokubulala umlisa ababemsola ngokweba insangu.
Kuthiwa ngoDisemba 27 odlule, labasolwa bashaya baphinde bathumba umufi uMnuz Samkelo Cele (22), ababemsola ngokuntshontsha insangu ebiza cishe uR3000. Kuthiwa abasolwa baphoqa uCele ukuthi angene etekisini ababehamba ngayo isuka oThongathi, ibheke eVerulam.
Labasolwa abaminyaka ephakathi kwengu-20 kuya kwengu-29 baboshwe eMahlabathini, eVerulam, ngemuva kophenyo lwamaphoyisa mayelana nesigameko sokubulawa kaCele owashiswa maqede kwafihlwa isidumbu sakhe ehlathini.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant General Khombinkosi Jula, uncome amaphoyisa esiteshi esiseVerulam ngokubopha abasolwa abanqume ukuzijezisa umufi kungafanele.
“ Akekho noyedwa umuntu onelungelo lokujezisa umuntu owenze okuphambene nomthetho. Amaphoyisa okumele abhekane ngqo nezigebengu ezenza okuphambene nomthetho. Sizoqhubeka nokwenza isiqiniseko sokuthi labo abenza lobu bugebengu banikwa isigwebo esifanele,” kusho uLt General Jula.