AMAPHOYISA abophe amadoda amane asola ngokushushumbisa izidakamizwa.
Amaphoyisa ase nyakatho neTheku ngempelasonto enze uphenyo emuva kokuncinzwa indlebe mayelana nezidakamizwa. Kwenye yezindawo ezithela uphethroli, amaphoyisa abophe amadoda amabili aneminyaka ewu-31 no-37 atholakale nensangu. Kuthiwa atholakale nensangu eboshiwe esilungele ukudayiswa.
Amaphoyisa abe eseya lapho kuhlala khona izimpahla zawo afike athola enye insango nolunye uhlobo lwezidakamizwa i-CAT ne-ecstasy. Intengo yezidakamizwa ezitholiwe ilinganiselwa ku-R10 400.
Kolunye uphenyo amaphoyisa abophe indoda eneminyaka ewu-23 okusolakala ukuthi iyona ebihambisa insangu emadodeni aboshiwe. Amaphoyisa abekade eyiqubele elinde ukuthi ihambise insangu njengokujwayelekile emadodeni abesekade ewabophile. Ekufikeni kwayo abe eseyibopha khona lapho.
Kwesinye isehlo amaphoyisa anikele eZimangweni, eNanda, lapho efike asesha khona indlu athola insangu ewu-28.5Kg intengo yayo elinganiselwa kuR350.000. Kuboshwe indoda eneminyaka ewu-55 ngecala lokudayisa izidakamizwa. Kusolakala ukuthi insangu ibisuka eSwazini izosatshalaliswa eNanda.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amadoda azovela eNkantolo yeMantshi eVerulam namuhla.